
UMosimane ucacisa okumcasule ngombuzo ngoMbokazi
U-Pitso Mosimane usechazile ukuthi yini eyamenza wacasuka ngesikhathi ebuzwa ngoMbekezeli Mbokazi ngempelasonto edlule.
Umbuzo ngoMbokazi waqhamuka kulandela ukubambana kweBafana Bafana neKenya ngo-2-2 e-Orlando Amstel Arena.
Lo mqeqeshi wavele wabhoka ngolaka ngesikhathi ebuzwa yintatheli yaseNingizimu Afrika ngalo mdlali.
Kodwa ngaphambi komdlalo wangoLwesibili ebusuku eNyayo Stadium, izintatheli zaseKenya ziphinde zabuza ngodaba olufanayo.
Kulokhu uMosimane uphendule ngokukhulu ukucophelela, echaza ukuthi umsebenzi wakhe wukuvikela abadlali bakhe.
“Yimpilo yami leyo, akunjalo? Uma ungafuni ukugxekwa, akufanele ube ngumqeqeshi.
“Kodwa akulungile ukufaka ufa phakathi kwabadlali bami ngokuthi uthi lo ungcono kunalowa,” kusho yena.
Uqhube ngokuthi ngeke avumele imibuzo igcine isihlukanisa abadlali noma ibathene amandla.
“Ngiyathanda ukuvikela abadlali bami,” kuqhuba lo mqeqeshi weBafana.
“Ngincamela ukwamukela ukugxekwa uma iqembu lihlulekile ukugxila emdlalweni laze ladedela igoli noma amabili.
“Lokho ngiyakuthwala. Kodwa akulungile ukuthi bese kuthiwa lo mdlali akamuhle njengalo omunye,” kucacisa yena.
- FUNDA NALA | UCheezboy uxwayisa uPitso ngezethenjwa
Uveze ukuthi umsebenzi womqeqeshi ukuvikela abadlali bakhe, wathi akafuni ukubabona belinyazwa ukugxekwa.
“Umqeqeshi ungubaba, umfowabo nomnakekeli wabadlali,” kuchaza uMosimane.
“Kufanele sibavikele ngoba uma singakwenzi lokho, kufika isikhathi lapho bedinga ukwesekwa khona bese bekhumbula ukuthi asibavikelanga.”
U-Pitso Mosimane ube seqhathanisa lokhu nokuba umzali ongathandi ukuthi izingane zakhe ziqhathaniswe.
“Akukhona ukuthi umbuzo iyangicasula. Ngikhuluma njengobaba, umqeqeshi nomnakekeli.
“Angifune kati elizongena ehhokweni lezinkukhu zami,” kuphetha yena.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
