
IChiefs ‘ibiyishela isiqome kwenye indawo’ kuBasadien
Bekofana nokuthi iganwe yintombi inhliziyo yayo ikwenye indawo iKaizer Chiefs ukube igcine imtholile uFawaaz Basadied ebimfuna uthuli.
Lo mdlali odlala emuva kwesokunxele usanda kusayina kwiMamelodi Sundowns kanti kudume ukuthi idlalise inkece ukwehlula izimbangi zayo.
IChiefs ike yamfuna uthuli uBasadien kusukela ngesizini edlule kulandela ukwenza kahle kwiStellenbosch FC.
Nokho iStellies yayichitha iChiefs, kodwa manje sekuvela ukuthi yayimisa ngoba kwayena lo mdlali ubengekho nkamunkamu ngokuya eNaturena.
Inhliziyo yakhe beyisiseChloorkop, ekomkhulu lompetha beligi amahlandla ayisishiyagalombili kulandelana.
Yingakho kuthe uma ifika iSundowns izozethula, akwangathatha isikhathi eside ngaphambi kokuthi avume ukuthuthela kuyo.
Yize bekuke kwanemibiko yokuthi kwasala kancane iChiefs imthole, uBasadien uthi akukaze kube njalo.
“Akukaze kube nento enjalo, ukukhuluma iqiniso nje,” kusho uBasadien kwiMarawa Sports Worldwide ngoLwesine.
“Ngokusobala, beyiningi intshisekelo kimi, kunezingxoxo nakho konke okunye okunjalo…
“Kodwa mina ebengigxile kukho kakhulu, futhi kuyisinqumo sami, bekuwukujoyina iSundowns. Leso kube yisinqumo sami.”
FUNDA NALA | U-Ouaddou uveza azokwenza kangcono kwiligi nePirates
UBasadien kunguye yedwa umdlali osayinwe yiSundonws kuleli windi lokudayiselana ngabadlali.
Kodwa ke ivele iziqale kamuva izinhlelo zesizini entsha njengoba beyidlala kwiFifa Club World Cup ngesikhathi amanye amaqembu eziqala.
Njengoba iwindi lizoze livalwe ngoSeptemba, kusabhekwe ngabomvu ukuthi yibaphi abanye abadlali ezobasayina.
Kusabhekwe nokuthi ikhulule abanye ngokuthi ibolekise ngabo noma ibachithe unomphela njengoba uMiguel Cardoso efuna ukunciphisa isikwati sakhe.
