Bafana BafanaEzintsha

UMofokeng uveza imfihlo yokuvelela kwakhe

U-Relebohile Mofokeng useveze okumenza ahlezi esezingeni elilodwa njalo uma esenkundleni. 

Uthi akadlali ngenhloso yokugwinyisa abamgxekayo amazwi abo, kodwa usuke efuna ukwenza konke okusemandleni ukuze azuzise iqembu.

Usho kanje ngemuva kokushaya womabili amagoli ngesikhathi iBafana Bafana ishaya iKenya ngo 2-1, yabuyela esicongweni kuGroup D.

Lo mdlali weRoyale Union Saint-Gilloise ushaye amagoli ngomzuzu ka-68 no-86 eNyayo National Stadium. 

Usenamagoli amahlanu emidlalweni yokuhlungela i-Afcon ka-2027, okuyisibalo esiphezulu kunabo bonke abadlali kuGroup D.

IKenya ishaye igoli sekusele imizuzu embalwa kuphele umdlalo, kodwa iBafana yathatha amaphuzu amathathu, yafinyelela kwayishumi, yashiya iGuinea ngelilodwa.

Ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, u-Relebohile Mofokeng ukubeke kwacaca ukuthi akagxilile ekuzakheleni igama, kodwa ubeka iqembu nezwe phambili.

“Uma ngingena enkundleni, ngisuke ngingahlosile ukuzibonakalisa ngedwa,” kusho yena. 

“Ngisuke ngiyokwenza umsebenzi wami nokwenza lokho okufunwa umqeqeshi.

“Angicabangi ngami kuphela. Ngicabanga ngeqembu nezwe lami. 

“Ngakho ngizokwenza konke ngenxa yezwe lami futhi ngizoqhubeka nokulwela lona.”

Uqhube wathi: “Uma ngingena enkundleni, nginikela ngakho konke. 

“Uma ngiphuma, kumele wazi ukuthi ngenze konke okusemandleni ami enkundleni. 

“Ngiyaziqhenya ngokudlalela izwe lami futhi ngizoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla.”

UMofokeng uthi ukuzethemba kwakhe kuvela ekusebenzeni kanzima nasekudlaleni ngokuzimisela ngaso sonke isikhathi.

“Uma uqhubeka nokudlala, uzinikele emsebenzini futhi usebenze kanzima, uyazethemba. 

“Ngazifundisa ukuzikhandla. Ngingumuntu osebenza kanzima ngaso sonke isikhathi,” kuqhuba yena.

Mayelana nokugxekwa, uthe abadlali kumele bakwamukele uma kunesidingo bese besebenzela ukulungisa amaphutha.

“Kwesinye isikhathi abantu bayasigxeka, kodwa kwesinye isikhathi basuke beqinisile kwabakushoyo. 

“Ngakho kumele sikwamukele lokho kugxekwa bese sisebenzela ukulungisa lapho besisola khona. 

“Sesike sabhekana nezithiyo eziningi futhi sesikujwayele lokho,” kusho yena.

U-Relebohile Mofokeng uqhubekile nokukhombisa izinga eliphezulu ngaphansi kukaPitso Mosimane, oqokwe njengomqeqeshi weBafana ngoSepthemba.

NoHugo Broos esevumile ukuthi wayenephutha ngokungabaza ukuthi uMofokeng angakwazi yini ukuzimela ebholeni lase-Europe.

Lo mdlali ugcizelele ukuthi into ebalulekile kuye impumelelo yeqembu, hhayi udumo lwakhe ngayedwana.

IBafana izodlala neGuinea ekuhambeni ne-Eritrea ekhaya ngoMashi emidlalweni esele yokuhlungela i-Afcon ka-2027. 

Iqembu elizoqeda phezulu kuGroup D yilo elizozibekisela indawo kulo mqhudelwano ozosingathwa yiKenya, Uganda neTanzania.