
UCheezboy uxwayisa uMosimane ngezethenjwa zeBafana
Ukudlala isizini nesizini, kungabibikho ukuphumula okwanele, kungagcina kushiya ngisho nabadlali abasezingeni eliphezulu sebephelelwa ngamandla.
Yilokho osekukhathaza owayengumdlali weMamelodi Sundowns, uLebohang “Cheezboy” Mokoena, obona izimpawu zokukhathala kwabanye babadlali abayizethenjwa kwiBafana Bafana.
UCheezboy usenxuse umqeqeshi uPitso Mosimane ukuthi acabange ngokwenza izinguquko eqenjini, kunokuhlala ethembele kubadlali asebenesikhathi beyizinsika zeqembu lesizwe.
Ekhuluma ohlelweni lweSoccerBeat, iTalking Bafana, uCheez uthe uyasiqonda isizathu sokuthi uPitso abambelele kubadlali abanamava.
Kodwa sekuyabonakala ukuthi umsebenzi omningi abawenzile usuyazwela emzimbeni kubo.
Ubalule uTeboho Mokoena no-Aubrey Modiba njengabadlali asebekhombisa izimpawu zokukhathala.
U-Cheezboy uthi lokhu kungenxa yokudlala amasizini amane kuya kwamahlanu bengaphumuli, bedlala emiqhudelwaneni ephezulu.
“Uhlale ufuna abadlali bakho abahamba phambili, lokho ngeke sikuphike,” kusho uCheez.
“Ngiyakuqonda ukuthi umqeqeshi unabadlali abathembele kubo.
“Kodwa kufanele ubheke nokuthi laba badlali sebeneminyaka bedlala masonto onke.
“Siyazibona manje izimpawu zokukhathala kubo.”
Ugcizelele ukuthi ngalokhu akasho ukuthi ungabaza ikhono koMokoena noModiba.
“UTeboho ungumdlali osezingeni eliphezulu, ngeke sikuphike lokho.
“Kodwa ngokwami, sekudingeka izinguquko manje,” kwengeza yena.
- FUNDA NALA | IStellies icacisa ngomdlalo wePirates
IBafana izobhekana neKenya emdlalweni obalulekile wokuhlungela i-Afcon eNairobi ngoLwesibili.
Ukunqoba sekubalulekile njengoba iGuinea seyiqhwakele kuGroup D – umdlalo uzoqala ngo-6pm.
U-Cheezeboy ukhuluma kanjena nje, kuvele kunokukhala okukhulayo ngokuqokwa kukaMokoena obesanda kubuya ekulimaleni.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
