AmaZuluEzintsha

Usuthu lucathanyelwa inkinga yonozinti zisuka nje

Lo nozinti odabuka eGhana uneshwa lokulandelwa wukulimala, okuyinto eyamphazamisa nakwi-Orlando Pirates – iqembu abekulo ngaphambi kokujoyina Usuthu.

Umqeqeshi waMaZulu, u-Arthur Zwane ukuqinisekisile ukuthi u-Ofori uzohlala okungenani isonto noma amabili engadlali.

Lokhu kungenxa yokuthi uselashwa kulandela ukulimala akuthole emdlalweni wabo wokuqala ngempelasonto edlule.

U-Ofori usale egcwele igazi futhi elimele kabana ngesikhathi behlulwa yiStellenbosch kwMTN8 eCape Town Stadium ngeSonto eledlule.

Ukulimala kwenzeke ngesikhathi uSanele Barns weStellenbosch eshayisana no-Ofori ngephutha, wamshiya elimele ebusweni. 

Lo nozinti owake waba ngukaputeni weqembu lesizwe laseGhana kuphoqeleke ukuba aphume, kungene u-Olwethu Mzimela endaweni yakhe. 

Usuthu lwagcina luhlulwe ngo 3-2 kulo mdlalo, laliwasha kanjalo ijezi kulo mqhudelwano wokuqala ohlelweni lwemidlalo yesigaba esiphezulu sePSL. 

UZwane ukuqinisekisile ukuthi u-Ofori uzophuthelwa umdlalo wabo wokuqala weBetway Premiership abazowudlala ne-Orbit College. 

Umdlalo uhlelelwe ukuthi ube sePrincess Magogo Stadium KwaMashu ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Lokhu kulimala ekhanda kuka-Ofori kungokwesibili emasontweni ambalwa njengoba wathinteka nakwiKZN Premier’s Cup. 

FUNDA NALA | IChiefs ‘ibiyishela isiqome kwenye indawo’ kuBasadien

UZwane uzwakalise ukukhathazeka – kufanele – ngalesi simo salo nozinti obukeka enokhondolo olubi lokulimala kabi.

“Uma eqhubeka nokuthinteka kabi kanjena, kungagcina kunomonakalo omkhulu, ngakho sicophelele ngaye,” kusho uZwane. 

Ngaphandle kuka-Ofori AmaZulu ahlome ngoDarren Johnson emsayine esuka kwiChippa United noMzimela ezintini. 

Kusazobonakala ukuthi ngubani phakathi kwalaba ababili uZwane azomethemba emdlalweni we-Orbit College.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO