
UBroos uvuma iphutha alenza esacija iBafana elimqwashisayo
Sekucishe kwaphela unyaka, kodwa kusenamazwi u-Hugo Broos awasho esengumqeqeshi weBafana Bafana asamkhuba emoyeni uma ewacabanga.
Lo mqeqeshi waseBelgium useveze ukuthi uyazisola njalo uma ecabanga ngalawo mazwi awasho.
KwakunguZibandlela wanyakenge ngesikhathi uMbokazi efika sekwephuzile ekhempini yeBafana Bafana.
Lokhu kwamcasuka kakhulu uBross obedume ngelikaMadala esacija leli qembu laseNingizimu Afrika.
Watshela abezindaba ukuthi uzokhuluma nalo mdlali ngemuva kwesiqembu sokuzicija, wabe esekhipha amagama asusa umsindo omkhulu.
“Ngizokhuluma naye ngemuva kokuziqeqesha futhi ngiyanithembisa ukuthi njengamanje ungumuntu omnyama kodwa uzophuma egumbini lami esengumlungu,” kusho uBroos ngaleso sikhathi.
La mazwi athathwa njengokuchaza ukuthi abantu abamhlophe bangcono kunabamnyama.
Amaqembu ezepolitiki nezinye izinhlangano zafaka izikhalazo kwiKhomishini yamaLungelo Abantu ngezinsolo zokucwasa ngokwebala.
Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, u-Hugo Broos waxolisa esidlangalaleni, wathi wayengaqondile ukucwasa.
Waphinde waveza ukuthi uyamkhathalela uMbokazi futhi wayengafuni ukubona ithalente lakhe lishabalala.
Ekhuluma kwiPrime Sports With Mahlatse kuleli sonto, lo mqeqeshi uthe usazisola kakhulu ngalawo mazwi.
“Ngisazisola ngalokho engakusho ngesikhathi kuthiwa amazwi ami ngoMbokazi ayecwasa ngokwebala,” kuvuma yena.
“Kodwa wonke umuntu wayazi ukuthi ngangingaqondile lokho.
“Engangifuna ukukusho ukuthi uzophuma egumbini lami ephaphathekile, esatshiswe engangizomtshela khona.
“Kodwa isiNgisi akulona ulimi lwami. Uyazama ukuhumusha emqondweni, kodwa kufanele ukusho ngendlela efanele.
“Amagama engawasebenzisa ayengafanele, kodwa incazelo engangifuna ukuyidlulisa yileyo.”
Ugcizelele ukuthi usakholwa ukuthi uMbokazi kwakufanele aqondiswe ngendlela eqinile.
“Kodwa ayekwenzile uMbokazi kwakungalungile,” kuqhuba yena.
“Ungashiywa kanjani yindiza yakho ekubeni kufanele uye ekhempini yokulungiselela iNdebe yoMhlaba?
“Wayeneminyaka engu-20. Ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kwalokho wayethole ikhadi elibomvu sidlala neZimbabwe.
“Ngabona sengathi izinto azihambi ngendlela efanele, kodwa kwakungelona iphutha lakhe lonke.
“Ungumdlali osemncane, kungazelele muntu isizwe sonke sesingemuva kwakhe, esephenduke ingqwele.
“NoRele (Relebohile Mofokeng) waba nenkinga ngonyaka wakhe wesibili.
“Laba ngabafana abasebancane abadinga ukuqondiswa.
“Kwesinye isikhathi bahlangana nabantu abangenazo izinhloso ezinhle ngabo.”
- FUNDA NALA | URele uveza imfihlo yempumelelo yakhe
Uchaze nokuthi intukuthelo yakhe yaqala kanjani ngalolo suku.
“Uneminyaka engu-19 noma engu-20, wonke umuntu uyakuthanda,” kuchaza uMadala.
“Kimina, inkinga yaqala ngokuthi angafikanga ngosuku lokuqala lokuzilungiselela.
“Ngangithukuthele kakhulu, kodwa ngangingafuni ukusho lutho.
“Kodwa kunentatheli eyangibuza ukuthi ngizokwenzenjani ngoMbokazi.
“Ngathi, ‘Nazi kanjani ukuthi uMbokazi akekho?’ Kwabe sekuvuka ukuthukuthela, ngase ngiyakhuluma-ke.”
Ekugcineni, u-Hugo Broos akazange azame ukuzivikela. Uvume iphutha lakhe ngamafuphi.
“Kwakuwubuwula. Ngiyazi ukuthi kwakuwubuwula. Kwakungafanele ngikusho ngaleyo ndlela.”
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
