
UMosimane wenze izinguquko ezimbili kweleBafana
Umqeqeshi weBafana Bafana, u-Pitso Mosimane, wenze izinguquko ezimbili eqenjini lakhe elizobhekana neKenya emdlalweni wesibili wokuhlungela i-Afcon.
IBafana isingaphansi kwengcindezi kulandela ukubambana ngo-2-2 neKenya e-Orlando Amstel Arena ngoLwesihlanu olwedlule.
Lo mdlalo wangoLwesibili usubaluleke kakhulu kwiBafana, ikakhulukazi njengoba iGuinea isikhuphukele esicongweni kuGroup D ngemuva kokushaya i-Eritrea ngo-3-1 ngoMsombuluko.
Ukuhleleka kwabadlali basemuva beBafana kwagxekwa kakhulu ngemuva komdlalo wokuqala, kodwa uMosimane wenze ushintsho olulodwa kuphela emuva.
U-Aubrey Modiba uzoqala ebhentshini, indawo yakhe ithathwe uSamukele Kabini ozodlala kwesokunxele emuva.
UMosimane ukhethe uhlelo lwe-4-3-3 olugxile ekuhlaseleni kulokhu.
U-Ime Okon no-Olwethu Makhanya basazoqhubeka nokubambisana maphakathi emuva, kanti uThabang Matuludi uzodlala kwesokudla.
Esiswini kuzodlala uThalente Mbatha, othatha indawo kaTshepang Moremi, ehambisana noSiphephelo Sithole noTeboho Mokoena.
- FUNDA NALA | UMakaab uhlonza eyekusasa likaMbule
Phambili u-Pitso Mosimane ubeke amathemba akhe ku-Oswin Appollis, uRelebohile Mofokeng no-Iqraam Rayners ukuthi bamtholele amagoli.
Ibophele kanje iBafana: Williams – Matuludi, Kabini, Okon, Makhanya – Mokoena, Mbatha, Sithole – Appollis, Mofokeng, Rayners.
Ebhentshini: Goss, Chaine, Mbokazi, Seema, Modiba, Morena, Aubass, Singh, Ndlovu, Morena, Foster.
- EZISHISAYO!|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
