
UMofokeng unyule iBafana sekukubi eKenya
IBafana Bafana ithole ukunqoba okubalulekile, ishaya iKenya ngo-2-1 emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2027.
Lo mphumela ubaluleke kakhulu kwiBafana kulandela ukubambana ngo-2-2 emdlalweni wokuqala obuseGoli ngoLwesihlanu.
URelebohile Mofokeng ube yiqhawe leBafana, eshaya amagoli amabili – elokuqala ngomzuzu ka-67 nelesibili ngoka-86.
La magoli akhe aqinisekise ukuthi amaphuzu amathathu aya eqenjini likaPitso Mosimane.
IKenya izamile ukubuya emdlalweni ngesikhathi uRyan Ogam eshaya igoli ngomzuzu ka-89, kodwa isikhathi besingasanele ukuthi iguqule umphumela.
Lokhu kunqoba kubaluleke kakhulu kwiBafana njengoba iGuinea iyimise kabi kuGroup D.
IKenya yona isivele isizibekisele indawo kulo mqhudelwan njengoba izosingatha lo mqhudelwano ngokubambisana ne-Uganda neTanzania.
Lokhu kusho ukuthi kusasele ithikithi elilodwa lokudlulela kowamanqamu kuleli qoqo.
UMofokeng, naye owashaya igoli emdlalweni wokuqala eSoweto, uqhubekile nokukhombisa ukubaluleka kwakhe eqenjini lesizwe.
- FUNDA NALA | Izinguquko ezimbili kwiBafana koweKenya
Ngemuva kwale mpumelelo eNairobi, i-Bafana Bafana isibuyele esicongweni kuGroup D ngamaphuzu angu-10, kanti iGuinea isendaweni yesibili ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.
Umphumela: Kenya 1-2 South Africa
Amagoli: Ogam (89’) | Mofokeng (67’, 86’)
- EZISHISAYO!|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
