
U-Ouaddou uveza azigqaja ngakho kakhulu ngePirates
Ubengomunye wabaqeqeshi abaqale ngebatha, kodwa manje sekuyacaca ukuthi abaphathi be-Orlando Pirates abagejanga ngokuqasha u-Adbeslam Ouaddou.
Lo mqeqeshi odabuka eMorocco useyijike yaba yiqembu elikwazi ukulwela imiphumela leli qembu laseSoweto.
Ngaphansi komqeqeshi odlule, iPirates beyidlala ibhola elihle okwenze wabukwa ngeso lengulube u-Ouaddou uma enza izinguquko eziningi ngasekuqaleni kwesizini.
Kodwa manje sekuyabonakala abekufaka eqenjini – umuzwa wokuthi akekho umdlali onendawo yakhe, futhi kumele balwelane enkundleni.
Yikho lokhu osekuqala ukubonakala. NgoLwesibili ebusuku, uphinde walishintsha iqembu kodwa lawenza umsebenzi liguqisa iTS Galaxy ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership.
Amagoli ashaywe ngo-Evidence Makgopa noTshegofatso Mabasa kanti umdlali obevelele kube uMasindi Nemtajela obehlanganisa iminyakazo esiswini.
“Ngijabule ngabafana bami ngoba sebenomuzwa wokulwa,” kusho u-Ouaddou ngemuva kwalo mdlalo obuse-Orlando Stadium.
“Kusukela siqalile kule sizini, bayalwa futhi siphinde asangangenelwa goli sibhekene neqembu elinzima.
“Kumele ngiyincome iTS Galaxy nomqeqeshi wayo – benza umsebenzi omuhle kakhulu. Kodwa bekusifanele lokhu kunqoba.
Ngaphezu kokulwela ukunqoba, iPirates idlala ibhola elihle nelikhombisa ukuthi abadlali bakujabulele ukudlala.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
U-Ouaddou uthi lomuzwa okhona eqenjini lakhe njengamanje ukholwa wukuthi uzobasiza ukukhonya kuleli nase-Afrika.
“Siyabanika inkululeko yokudlala ngendlela abathanda ngayo ukuze bakuthokozele ukuba senkundleni.
“Okubaluleke kakhulu wukubambisana kwabo. Bayakujabulela ukudlala ndawonye nokulwelana nokusizana enkundleni.
“Yiwo lomuzwa wokulwa abanawo njengamanje ozosisiza kakhulu kwiPSL nakwiChampions League,” kuqhuba u-Ouaddou.
FUNDA NALA | UNemtajela uphawula ngengcwenga ayidlale bejuqa iGalaxy
Emdlalweni olandelayo, iPirates izobhekana neSiwelele FC emdlalweni wendebe engenzi kahle kuyo kusukela yethulwa, iCarling Knockout.
Lo mdlalo uzoba khona e-Orlando Stadium ngoMgqibelo kanti uzoqala ngo-3 ntambama.
