EzintshaMamelodi Sundowns

ULucas Ribeiro udlala ngegeja kuziliwe – ummeli

Lo mdlali umemezele ukuthi useyinqamulile inkontileka yakhe naleli qembu laseChloorkop futhi wasabisa ngokulifaka kwiFifa Tribunal udaba lwakhe. 

Uthe uma ehluleka lapho, uzolifaka ezinkantolo aze ayofika kwiCourt of Arbitration for Sport (Cas) uma kunesidingo. 

Lokhu kulandela ukuthi leli qembu lichithe isicelo seQatar SC sokusayina lo mdlali – leli qembu belimthembise imali enhle uRibeiro.

Nokho kuvela ukuthi imali ebelifuna ukuthenga ngayo ayiyenelisanga iSundowns nokuyingakho ivele yanqaba kwakuyizwa nje indaba yokudayiselana. 

UHack – onolwazi olunzulu lwemithetho yebhola – utshele abeSoccerbeat ukuthi uRibeiro kungenzeka ukuthi uthathe ngewala ngale mpi aseyisusile.

“Angiboni ukuthi yikuphi okungenza umdlali anqobe kulolu daba,” kusho uHack. URibeiro uqashe ummeli osezingeni eliphezulu uJean-Louis Dupont waseBelgium.

Kodwa noma kunjalo, uHack uthi akaboni kumhambela kahle: “Noma wayemuhle kanjani ummeli wakhe ecaleni likaBosman… 

“Kodwa lokho kwakukudala, eminyakeni eminingi edlule futhi asebe maningi amanye amacala afanayo ngemuva kwalelo. 

“Umdlali akakwazi ukuvele anqamule inkontileka nje bese ethi, ‘Ngiyashiya kwiSundowns kusasa ngoba kunelinye iqembu elingithembisa imali eningi’. 

“Uma kuneqembu elimfunayo, lelo qembu kumele likhokhele iSundonws imali eyifanele,” kuchaza uHack. 

Uqhube wathi uRibeiro nguye owephula umthetho njengoba esedube ukujima ekubeni iSundowns ingazange imvimbele ukuzibandakanya neqembu. 

“Ngaphandle uma iSundowns imtshele ukuthi angezi ejimini, uyena osephutheni, futhi kuze kube iSundonws imnikeza incwadi yokumkhulula, alikho iqembu elingamsebenzisa,” kuqhuba uHack. 

“Uma efuna ukuyodlala kwiQatar, yiSundowns kuphela engamnika imvume yalokho… 

“Noma ke iFifa noma isigungu sePSL esixazulula izingaxabano uma kutholakala ukuthi iSundowns kukhona eyone ngakho. 

“Kodwa njengamanje ngumdlali othi useyashiya yena ekilabhini, ngakho iSundowns ayone ngalutho kulolu daba.”