
UHunt nezintsha ngoMahlambi ozama inhlanhla kwiDurban City
UPhakamani Mahlambi usenikwe elinnye ithuba lokubuyela ebholeni elikhokhelayo njengoba eziqeqesha neDurban City ngaphansi kweso likaGavin Hunt.
Lo mdlali onekhono elihle bekubhekwe lukhulu kuye ngemuva kokuvelela kwiBidvest Wits eminyakeni embalwa edlule.
Ikhono lakhe lamenza wasayinwa yi-Al Ahly yase-Egypt, wathi uma ebuya kuyo wanqakwa yiMamelodi Sundowns.
Nokho ukuhluleka ukuziphathisa okomdlali oyingcweti kwenze wagcina ededelwa kwiSundowns nakwamanye amaqembu adlale kuwo ngemuva kwalokho.
Nokho uHunt – okunguye owamnika ithuba lokuqala kwiWits – usephinde wamnika elinye ukuthi avuselele umsebenzi wakhe webhola kwiDurban City.
Nokho ebuzwa ngalo mdlali kuleli sonto, uHunt uthe kukuye uMahlambi ukuthi aqinisekise ukuthi uyabuyela esimweni esifanele.
Ngemuva kwalokho, kuzobe sekuba kubaphathi ukuthi benza njani ngaye, ngokusho kwalo makadebona womqeqeshi.
“Bheka, uyajima angithi? Uyakwazi engimtshele khona… ukuthi akaqhubeke agijime, aqhubeke ajime,” kusho uHunt kwabeFARPost.
“Ngemuva kwalokho, uma kukhona okumele kwenzeke, kuzokwenzeka. Ngimtshelile ngalokho, futhi uyakwazi kahle.
“Akukho athenjiswe khona, futhi ukwamukele naye lokho. Thina sizombuyisela esimweni esifanele – yilokho esingakwenza.”
FUNDA NALA | IChiefs ixwayisa ngepokloza lesitolo
UHunt nokho uveze ukuthi uyawubona umehluko kulo mdlali esimweni asekuso uma emqhathanisa nafika ekuso.
“Nakanjani, usengcono kakhulu kunangesikhathi efika. Akungabazeki lokho. Usengcono kakhulu impela.”
