
U-Ouaddou uveza akuhlebele uMbuthuma negeja iphenathi
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, usedalule amazwi amatshele umgadli wakhe osemncane uYanela Mbuthuma.
Lokhu bekungemuva kokuthi lo mdlali osemncane egeje iphenathi ebalulekile ngesikhathi behlulwa ngo 5-4 yiSt Eloi Lupopo kwiCaf Champions League ngoMgqibelo.
AmaBhakabhaka agile izimanga ebuya kade elandela emuva ngo 3-0 nagamagoli oMasindi Nemtajela, Yanela Mbuthuma, no-Oswin Appollis.
Awine ngo 3-0 nawo ekhaya, okuphoqe ukuthi umdlalo uye kumaphenathi, okuyila ngeshwa kufike kwabhimba khona.
Phezu kobuqhawe bayo, iPirates ihlulekile kumaphenathi la uDeon Hotto noYanela Mbuthuma begeje khona awabo – ekaHotto ivinjwe unozinti, ekaMbuthuma yaphuma eceleni kwepali.
Ngemuva kwalokho, uYanela Mbuthuma ubebonakala ekhungathekile eme yedwa enkundleni kusobala nezinyembezi ziseduze.
Kulapho ke u-Ouaddou ebe esenikela kuye eyomduduza lo mgadli oneminyaka engu-20 ubudala.
“Umdlali wokuqala engiye kuye ngemuva komdlalo nguye,” kusho u-Ouaddou.
“Ngimtshele ukuthi akangazisoli futhi akaziqhenye ngoba ngaphandle kwakhe, bekungenzeka ukuthi besingeke sifike kwalulawo maphenathi.
“Ushaye igoli elibalulekile. Usemncane, futhi kusazoba namathuba amaningi azowathola kule sizini.”
Lo mqeqeshi uncome abadlali bakhe ngokungalahlani nokumanga uzakwabo ngesikhathi esinzima kakhulu kuye, egqamisa ubumbano lweqembu ebunzimeni.
“Yisikhathi esinjena esikhombisa ubumbano lwangempela — hhayi uma yonke into ihamba kahle..
“Sizoqhubeka nokusebenza. Impilo kumele iqhubeke nakuye,” kwengeza lo mqeqeshi.
FUNDA NALA | UMutizwa ubonga umqeqeshi omuse kumbhedela
Naphezu kobuhlungu benhliziyo, u-Ouaddou usaqiniseka ukuthi uMbuthuma uzobuya ngamandla futhi afake isandla emkhankasweni wePirates kule sizini.
