
UTapelo Xoki usebheke ukuthi iPirates ivuke isithathe
Ukaputeni we-Orlando Pirates, uTapelo Xoki, uvumile ukuthi bazihlinzele bona ezibini ngesikhathi behlulwa yiPyramids ngempelasonto edlule.
I-Orlando Pirates ikhishwe kabuhlungu kwiCaf Champions League ngemuva kokuhlulwa ngo 3-2 yiPyramids yase-Egypt ngoLwesihlanu.
Kube ukuhlulwa okunzima kakhulu futhi okushiye wonke i-Orlando Pirates yonkana – iqembu nabalandeli balo – beshaqeke ngendlela engachazeki.
“Kunzima ukukwamukela lokhu. Besingenza kangcono njengeqembu,” kusho uTapelo Xoki.
“Ngicabanga ukuthi nangomdlali nje ngamunye, besingenza kangcono futhi kufanele semukele ukuthi sizenzele phansi.
“Kodwa lezi yizinto ezenzekayo, yizinto zakhona ebholeni,” kwengeza lo makadebona wasemuva.
I-Orlando Pirates isenezindebe ezimbili okufanele izilwele, kanti uTapelo Xoki uthi unethemba lokuthi bazosifunda isifundo kokwenzeke e-Egypt.
Leli qembu laseSoweto lisesemjahweni wokulwela isicoco seBetway Premiership neseNedbank Cup.
“Ngethemba ukuthi kuzosikhulisa lokhu futhi siqhubeke nokuya phambili ukuze siqede ngegiya eliphezulu.
“Kusekuningi okumele sikudlalele futhi asikho isikhathi sokuzidabukela. Kufanele siqhubeke.
“Kunzima impela khona ukukwamukela okwamanje ngoba besihamba phambili kwaze kwaba kabili…
“Futhi kuzo zombili izikhathi sivume ukungenelwa igoli ngemuva nje kokushaya igoli.
“Ngicabanga ukuthi lapho, bekufanele senze kangcono kakhulu.
“Njengomunye wabaholi beqembu, ngiyakwemukela ukuthi sizilimaze thina ngalokho, kodwa sizokhula kulokhu.”
IPirates kuzomele idlule ngokushesha kulokhu kuhlulwa okucoba amathambo yiPyramids bese ibyela emsebenzini kwiligi.
Izosingatha iSekhukhune United ngoLwesithathu ebusuku e-Orlando Stadium emdlalweni okufanele nakanjani iwunqobe.
Ukunqoba kuyobenza inqamule igebe leMamelodi Sundowns esicongweni selogi libe ngelamaphuzu ayisithupha kuphela.
Ngemuva kwalo mdlalo wangoLwesithathu, inomunye umdlalo omkhulu neKaizer Chiefs eFNB Stadium ngoMeyi 3.
