EzintshaKaizer Chiefs

UNabi uveza akutshele abadlali behlulwa yiGallants

UNasreddine Nabi uveze ukuthi usheshe wabona ukuthi isimo asisihle eqenjini kulandela ukuhlulwa ngo 2-1 yiMarumo Gallants.

IKaizer Chiefs iphumile kwiTop 8 ngemuva kokuhlulwa yiGallants eFNB Stadium ngoMgqibelo. 

Amakhosi abehamba phambili negoli likaGlody Lilepo, kodwa iGallants yabuya yalinganisa ngelikaMatome Mathiane ngaphambi kokuthi uDaniel Msendami ashaye elokunqoba. 

Ukuhlulwa kudale ukungabaza ngezifiso zaleli qembu zokuqeda kwiTop 8 njengoba sekusele imidlalo emithathu, ingasaphathwa ke eyokuqeda kwamane aphezulu.

Ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, uNasreddine Nabi uveze ukuthi uphawule ukubhocobala eqenjini lakhe.

Uthi ube esephuthuma ukuyobamba ingxoxo ende neqembu ngaphambi kokuthi ayokwenza umsebenzi wabezindaba njengokufanelekile.

“Okokuqala, ngiyaxolisa ngokubambezeleka kwalesi sithangami nani. 

“Kuyiqiniso ukuthi bekumele sikhulume nabadlali kuqala,” kusho uNabi.

“Ngenza yalesi simo esinzima kangaka esikuso, kuyabonakala ukuthi wonke umuntu ulimele, uzizwa edangele, futhi ukhombisa ukulahlekelwa wukuzethemba.

“Ngibe nomuzwa wokuthi abanye sebedelile, balahla ithemba,” kwengeza lomqeqeshi waseTunisia. 

Uqhube wathi bekumele azame ukukhuthaza amasosha akhe ikakhulukazi njengoba bebheke emidlalweni emibili emikhulu.

“Engibatshele khona wukuthi asikho isikhathi sokusolana noma ukuzisola ngokwenzekile ngoba namuhla imiphumela ngeke isajika.

“Sinemidlalo emibili ebaluleke kakhulu phambi kwethu engasindisa isizini yethu. 

“Idabhi iyeza ngempelasonto ezayo, futhi ngemuva kwayo kukhona owamanqamu weNedbank Cup,” kuqhuba yena.

Ngaphezu kwalokho, lo mqeqeshi oneminyaka engu-59 ubudala uphonsele inselelo abadlali bakhe.

Uthi ufuna bazinuke amakhwapha, bazihlole ngokwethembeka futhi bazindle ngendlela abadlala ngayo.

“Kumele sibambane, siye kuleli sonto lokuzilungiselela umdlalo ozayo siphakamise amakhanda.”

IChiefs izokudinga ukuzethemba njengoba ilungiselela ukubhekana nezimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates eFNB Stadium ngoMgqibelo.