Ezintsha

IWydad ‘ichukuluza’ uRulani Mokwena, ifuna adube

Sekuvele imibiko ethi sekunomqeqeshi omusha oseqalile ukusebenza kwi-Wydad Athletic yize uRulani Mokwena esekhona eqenjini futhi kunguye umqeqeshi omkhulu. 

URulani Mokwena uzolishiya leli qembu laseMorocco ekupheleni kwesizini ngemuva kokufinyelela esivumelwaneni ngalokho nabaphathi. 

Kodwa uma esehamba, ikilabhu kuzomele imkhokhele imali elinganiselwa ku-R18 million ngokombandela wenkontileka yakhe.

Kuyavela ke ukuthi abaphathi abeneme neze ngalokhu futhi sebeke babuzana ukuthi wavunywa kanjani lo mbandela ogqilazayo. 

Kodwa uma uMokwena ezihambela ngokwakhe, lo mbandela uyaphela futhi ikilabhu ngeke imkhokhele lutho olungaphezulu.

Yingakho ke manje seyizama izindlela zokuthi agcine edubile bese ezishiyela yena ngokwakhe. 

Ukunikezwa komunye umqeqeshi amandla okulawula ukuzicija kweqembu ekhona kukhomba ukumeya nokumdelela. 

IWydad Athletic yehlulekile ukunqoba emidlalweni yayo eyisithupha edlule kwiBotola Pro 1 ngaphansi kukaRulani Mokwena.

Lokhu kushiya iqembu lisele ngamaphuzu ayisithupha ngemuva kwe-AS FAR Rabat esendaweni yesibili njengoba sekusele imidlalo emithathu kuphele isizini.

Futhi manje ngokubika kweLe Site Info, uMohamed Amine Benhachem nguye osenikwe amandla okuhola izigcawu zokuziqeqesga zeqembu. 

IWydad izoba nethuba lokuvala igebe kwi-AS FAR Rabat uma lamaqembu esehlangana koweligi ngoMgqibelo ntambama. 

Njengamanje iRabat yiyo esendaweni yesibili kwilogi futhi uma yehlula iWydad, izosondela kakhuu endaweni yeCaf Champions League ngesizini ezayo.

Lo mbiko wengeze ngokuthi abadlali beWydad babone sekunomehluko ezingeni lemiyalelo evela kuBenhachem uma kuqhathaniswa nabakuthola kuMokwena.

Lo somaqhinga waseMorocco kubikwa ukuthi ugxile kakhulu ekutheni badlale ibhola eliqonda ngqo, kunokuphaselana nokwakha iminyakazo besuka emuva uMokwena abekufaka.

Sekusobala ukuthi lokhu kuwumsebenzi wokuhlakaza okwakhiwe nguMokwena futhi bazame ukumchukuluza ukuthi ahambe.