EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou ucacisa eyohlelo lokushintsha abadlali kwiPirates

IBucs izohlangana nalabompetha baseLesotho emlenzeni wesibili womzuliswano wokuqala weCaf Champions League e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Iziqhwaga zaseSoweto zibheke kulo mdlalo zihamba phambili ngo 3-0 emlenzeni wokuqala eBloemfontein ngempelasonto edlule futhi ziyizintandokazi ukudlulela phambili.

U-Ouaddou ugcizelele ukubaluleka kokuphatha iqembu lakhe ngokucophelela njengoba amaBhakabhaka esemiqhudelwaneni eminingi kule sizini.

“Kubalulekile ukuphatha kahle abadlali uma udlala emiqhudelwaneni eminingi,” kusho u-Ouaddou ngemuva kokuhlula iSiwelele FC kwiBetway Premiership phakathi nesonto. 

Olunye lwalezo zinguquko lubone u-Oswin Appollis eqala ebhentshini ngaphambi kokuba angebe eze umehluko omkhulu. 

Lo mdlali wasemuva ungene endaweni kaPatrick Maswanganyi ngesikhathi sekhefu futhi washaya igoli lokunqoba ngomzuzu ka-80.

“Bekuwuhlelo lwethu ukuqala u-Appollis ebhentshini. Usedlale imidlalo eminingi kule sizini, futhi besifuna ukugwema ukulimala. 

“Besivele siyihlelele imidlalo emibili sibhekene noLioli neSiwele. Ungumdlali okhethekile.

“Ithimba lezinhloli lenze umsebenzi oncomekayo ngoba bayalwazi uhlobo lomdlali odingeka kwiPirates,” kuchaza u-Ouaddou.

Lo somaqhinga waseMorocco uncome abadlali abasayinwe kule sizini, egcizelela ukuthi ukunotha kweqembu kuzoba semqoka kulo mkhankaso. 

“Ikhwalithi yabadlali abasayinwe kule sizini yinhle kakhulu. Abanye kumele babekezele ngoba ithuba labo lizofika, kodwa ngijabule kakhulu ngeqmebu enginalo.”