
Uzulelwa amanqe umqeqeshi welePSL ‘obesezihlweleni’
IMagesi FC issezingxoxweni zokthola isisombululo ngomqeqeshi wayo uJohn Maduka, kusaphele izinyanga eziyisithupha kupehla eyijoyinile.
Kubikwa ukuthi izingxoxo zokuthi kukhokhelwana kanjani ukuze kwehlukanwe ngokuthula ziyaqhubeka.
Kuthiwa leli qembu elizinze eLimpopo licubungula indlela yokunqamula inkontileka kaJohn Maduka bese enxeshezelwa.
Kuvela ukuthi ukushuba kwesimo kuqine kakhulu ngempelasonto ngaphambi komdlalo weMagesi ne-Orlando Pirates.
UMaduka ubonakale ehlezi ezihlweleni ngaphambi kokuthi kuqale lo mdlalo e-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo odlule.
Iphini lakhe u-Abraham Nteo yilo ebelisebhentshini, kanti ohlqini lweqembu olusemthethweni ubebhalwe njengomqeqeshi oyinhloko.
FUNDA NALA | UYoussef uveza ukubaluleka kukaMaboe kwiChiefs
Ebuzwa ngalesi simo ngemuva komdlalo, uNteo uthe ucela ukuthi kulindwe kube ngabaphathi abaphawula ngalokho.
Ikusasa likaJohn Maduka nokho alicacile kulandela ukuthi iMagesi isanqobe emibili kuphela emidlalweni engu-15 yeligi.
