
Abaphathi beWydad bafuna incazelo ngolukaRulani Mokwena
Sekuqubuke amahlebezi okungezwani phakathi kwabaphathi kwi-Wydad Athletic Club kubangwa uRulani Mokwena.
Kuvela ukuthi ibhodi elengamele ikilakhu lifuna incazelo ngesigatshana sokukhululwa komqeqeshi uRulani Mokwena esimnika ilungelo lokukhokhelwa isamba esikhulu.
Imibiko ithi inkontileka yakhe inesigatshana sokuthi kumele akhokhelwe u-R18.9 million uma kuyikilabhu enuma ukumkhulula ingakapheli inkontileka yakhe.
Le mibuzo ngale nkontileka kaRulani Mokwena iqhamuke kokuthi i-Wydad idlale ngokulingana ngo 1-1 nezimbangi zayo iRaja Club Athletic ngempelasonto.
Bekuwumdlalo wayo wesihlanu kulandelana idlala ngokulingana kwiBotola Pro I.
Lo mphumela ulimaze amathuba ayo okuqeda endaweni yesibili nokungena kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
Kwenzeka lokhu nje ibisanda kuwashiswa ijezi kwiThrone Cup ngesonto eledlule. I-Wydad kumanje isilandela iqembu elisendaweni yesibili ngamaphuzu amane.
Ukuhamba kukaRulani Mokwena kwi-Wydad ekupheleni kwesizini sekuvele kuqinisekisiwe.
Kodwa manje, amalungu ebhodi afuna ukucaciseleka ngalo mbandela wenkontileka yakhe.
Kuthiwa abajabule ngesigatshana esiphoqa iqembu ukuthi likhokhe isizumbulu ukuze alishiye ngokuthula.
Ngokombiko weKooora, abaphathi abaphezulu bekilabhu bathumele incwadi kumengameli u-Hicham Aït Menna ngalolu daba.
Bafuna umhlangano naye ngaphambi kokuthi iqembu libhekise amabombo e-United States la liyodlala khona kwiFifa Club World Cup.
Ibhodi lifuna ukwazi ukuthi savunywa kanjani lesi sigatshana esizomba iqembu eqolo.
Kuvela kuthi kukhona nezinye izethembiso ezenziwe yilo mengameli wekilabhu kodwa ezingafezwanga abafuna achaze nangazo.
Esinye sazo wukuthi wayethe iqembu lizosayina esinye sezihlabani ebeziseqenjini lesizwe leMorocco elidlale eNdebeni yoMhlaba k-2022.
