
Usuthu ngapha, iBhakabhaka ngale! Zibophele kanje
Yize zimbili zinemidlalo ebalulekile yeNedbank Cup maduze, kodwa kuyacaca ngeke zincengane phakathi kwaMaZulu FC ne-Orlando Pirates namuhla.
Lamaqembu azokhiphana inkani ebanga amaphuzu amathathu abalulekile kuwo womabili njengoba elizowathola ephelele lizoqhwakela kwiBetway Premiership.
Sekunezikhathi eside Usuthu – okuyilo olusekhaya kulo mdlalo wangoLwesibili ebusuku – lwagcina ukuqhwakela.
Lokhu kufanele ukuba kuzobafaka umfutho owengeziwe abafana baka-Arthur Zwane ukuthi bawathole amaphuzu aphelele kulo mdlalo.
Ohlangothini lwePirates ka-Abdelam Ouaddou, lo mdlalo ngowokugcina kulena ebisalele ngayo emuva kwiMamelodi Sundowns namanye amaqembu.
Ukuhluleka ukuwunqoba kuzosho ukuthi isazohlala ngemuva kweSundowns okuyiyo ephezulu yize belingana ngamaphuzu.
Nokho-ke, nokudlala ngokulingana kuzokwanela ukuthi iPirates kube yiyo ezihola phambili ngaphambi kwekhefu lemidlalo yeNedbank Cup.
Yize iPirates inomdlalo weNedbank Cup – osekuvelile ukuthi ifuna ukuyengeza ezicocweni zayo kule sizini – ngoMgqibelo, ibophele iqembu eliqinile kulo waMaZulu.
Usuthu lona luyoze ludlale ngoLwesibili lukaFebhuwari 10 la luzobhekana khona nePolokwane City kuyo iNedbank Cup. Zibophele kanje:
- AmaZulu (4-4-2): Johnson – Allan, Hanamub, Mthethwa, Fielies – Radebe, Mbanjwa, Zungu, Bern – Ngwenya, Ekstein
- Ebhentshini: Mzimela, Dube, Slatsha, Mhlongo, Zikhali, Sithole, Maqokolo, Mashigo, Kutumela
FUNDA NALA | OweChiefs uncoma uMaboe ‘osengumdlali-mqeqeshi’
- Pirates (4-3-3): Chaine – Hotto, Van Rooyen, Sibisi, Seema – Makhaula, Mbatha, Mofokeng – Appollis, Moremi, Mbuthuma
- Ebhentshini: Buthelezi, Chabatshane, Ndaba, Sebelebele, Nemtajela, Maswanganyi, Msendami, De Jong, MakgopaÂ
