
ULebohang Maboe ungaphezulu komdlali kwiChiefs – Youssef
ALFRED Ngubane
UKhalil Ben Youssef,ongomunye wabaqeqeshi beKaizer Chiefs, usencome ubuhlakani bukaLebohang Maboe, wathi babopha naye amaqhinga.
ULebohang Maboe ngomunye wabadlali abasayinwe yiKaizer Chiefs ekuqaleni kwale sizini.
Ubekade ededelwe yiMamelodi Sundowns abesehlale kuyo iminyaka eminingi. Nokho uvele uphuma enkulisa yawo Amakhosi.
Manje uYoussef useveze ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala usefane nomdlali-mqeqeshi eNaturena ngoba usebenzisana nabaqeqeshi.
“Kungenzeka iqembu abekulo lenza iphutha ngokumdedela ngoba ungumdlali obukhali futhi owuhloniphayo umsebenzi wakhe,” kusho uYoussef.
“Kithina uwusizo ngaphezulu kokuba ngumdlali ngoba uyasicebisa nangamaqhinga uma silungiselela imidlalo.”
ULebohang Maboe udlala kahle noSiphesihle Ndlovu esiswini kwiKaizer Chiefs njengamanje kanti ukuzwana kwabi kusuka kude.
Bake badlala ndawonye kwiMaritzburg United isengaphansi kukaFadlu Davids okunguye owabaqinisa ukhakhayi.
Baze bahlukana ngesikhathi uMoboe ethola amadlelo aluhlaza kwiMamelodi Sundowns, uSiphesihle Ndlovu yena waya kwi-Orlando Pirates.
Selokhu kuqale ukudlala bona ndawonye esiswini. iChiefs ayikangenelwa goli futhi isayinqobe yomine imidlalo esayidlalile kulo nyaka.
FUNDA NALA | IPirates nesibuyekezo ngabalimele ngaphambi kowaMaZulu
Abalandeli bazothemba ukuthi lokhu kwenza kahle kwabo kuzoqhubeka noma leli qembu seliqala umkhankaso walo weNedbank Cup.
Amakhosi azovakashela iStellenbosch FC eKapa ngoLwesithathu eDHL Stadium kanti umdlalo uzoqala ngo-7 ebusuku.
