
U-Ouaddou ubona ikusasa elihle kuMbekezeli Mbokazi
UMbekezeli Mbokazi kubhekwe lukhulu kuye, futhi ngokubona komqeqeshi wakhe kwi-Orlando Pirates, uzogcina edlala kumaligi amakhulu e-Europe.
U-Abdeslam Ouaddou ukuveze lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo wabo neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo.
IPirates neSundowns bahubhane baze babukana – umdlalo womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 waphela zibambene ngo 1-1.
Lo mdlalo bewuse-Orlando Stadium, kanti yiSundowns evule inkundla ngegoli likaTeboho Mokoena esiwombeni sokuqala.
IPirates ibuye ngesiwombe sesibili isidlala kangcono futhi yathola igoli lokulinganisa elishaywe nguKamogelo Sebelebele.
UMbokazi – odlala emuva maphakathi nenkundla – nguye oshaye iphasi ende, ekhiphe uSebelebele wayobhekana ngqo nonozinti, wabe eselinamathisela enethini.
U-Ouaddou ube esebuzwa ngoMbokazi obengukaputeni njengoba uNkosinathi Sibisi ebengekho ngenxa yokulimala.
“Wothi ngikhulume iqiniso eliphelele nje, uma uMbokazi eqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ukuze abe ngcono, futhi ezinakekela angagcina ekumakilabhu amakhulu e-Europe.
“Kodwa ke njengoba ngisho kanjalo, kumele ahlezi ezinikele emsebenzini wakhe futhi azithobe,” kusho u-Ouaddou.
FUNDA NALA | UCardoso ukhale ngokudlala ngemizwa kwabeDowns
Lo mqeqeshi odabuka eMorocco wadlala naye kumaligi amakhulu khona e-Europe, ngakho uyakwazi okudingekayo ukuyophumelela khona.
Khonamanjalo, u-Ouaddou uthe njengoba bekwazile ukusebenza kanzima ukubuya kulo mdlalo weSundonws, usebheke baqhubeke nasemidlalweni elandelayo.
IPirates izogadulisana neStellenbosch FC emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithahu ebusuku e-Orlando Stadium.
