
Lilaxazwe umqeqeshi esidlangalaleni elePSL
- Sibongiseni GUMBI
Uvele walishiya ensimini igeja umqeqeshi weqembu lePremier Soccer League (PSL) elidonsa kanzima selokhu kuqale lesizini.
USead Ramovic, obecija iTS Galaxy futhi kubonakala eza kahle, ulaxaze umsebenzi bukhoma kumabonakude ngoLwesithathu ebusuku.
Ekhuluma nabeSuperSport TV ngemuva kokuthi ezakhe zibambane neStellenbosch FC ngo 1-1, uRamovic umemezele ukuthi uyashiya.
Bekuyisizini yakhe yesithathu lena kanti bekubhekwe lukhulu njengoba ngesizini edlule eyifake kwiTop 8 iGalaxy.
Ubenze kahle nasemidlalweni yezindebe njengoba afika kowamanqamu kwiCarling Knockout.
Nokho le sizini uyiqale edonsa kanzima, imiphumela imphika njengoba ebengakanqobi nakanye emidlalweni eyisithupha.
IGalaxy isemsileni kwilogi yeBetway Premiership njengoba inamaphuzu amabili ngemuva kwemidlalo eyisithupha.
“Ngizosula, angiseyena umqeqeshi wale kilabhu kusuka manje,” usho kanje uRamovic ekhuluma ngemuva komdlalo.
Uma ebuzisiswa ngalokhu, uRamovic ukhale ngokukhathala nokuthi usadinga isikhathi sokuhlala nomndeni wakhe.
“Ngifuna ukuchitha isikhathi nomndeni wami. Seyimithathu iminyaka ngikhameka, kodwa sizobona.
“Kube yisikhathi esihle kakhulu, ezweni elihle elinabantu abahle. Kube yiminyaka emithathu engakholakali.”
Uthe abadlali bazamile ukumvimba kulesi sinqumo sakhe, bakhombisa nasenkundleni ukuthi basamlwela, wathi kodwa usenqumile.
“Bazamile ukungikhombisa ukuzinikela, bazame konke kodwa ke yiyonanto engiyiyo le.
“Bayazi ukuthi bengizinikele ngenhliziyo nomphefumulo wami kubo nekilabhu,” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Ngiyaziqhenya ngokuthi ngibe wumqeqeshi wabo iminyaka emithathu yonke, ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sento entsha manje.”
URamovic ubeke wazama ukushiya kwiGalaxy ngaphambii kokuqala kwesizini njengoba ebefese kwiRaja Casablanca yaseMorocco.
Wayesevumelene nalezi zinkunzi zaseMorocco, futhi nomnikazi weGalaxy, uTim Sukazi esemkhululile ukuthi ashiye.
Nokho kube nokungazwani neRaja ngezinto ezithile kwinkontileka, okwenze ukuthi ajike abuyele kuleli.
USukazi wayezamile nokumfesela kwiKaizer Chiefs ngesikhathi ithungatha umqeqeshi ngaphambi kouqasha uNasreddine Nabi.
