EzintshaMamelodi Sundowns

ISundowns izibuyise zishisa izinduku kwiPolokwane

Akubonakalanga ukuthi iMamelodi Sundowns idlala ngabadlali iningi labo abangajwayele ukuqala imidlalo ngesikhathi ishaya iPolokwane City ngo 2-0. 

EzikaManqoba Mngqithi zizihubuluzele isobho kwiRise and Shine, umfana omncane, uKutlwano Lethlaku eshaya amagoli amabili okunqoba lo mdlalo weBetway Premiership. 

ISundowns iqale lo mdlalo ngesikimu esishintshile njengoba abanye abadlali abavamise ukuqala imidlalo bebephnyuziwe. 

Esiswini bebengekho oTeboho Mokoena noBathusi Aubaas kanti emuva bebengekho oGrant Kekana noMothobi Mvala. 

Phambili khona uqale ngoPeter Shalulile noLethlaku futhi lo mfana omncane ulibambe ngazo zombili ithuba. 

Ngale kwalamagoli amabili enqobe ngawo, iSundowns beyizenzela nangomdlalo futhi isilivalile igebe le-Orlando Pirates laba ngelamaphuzu amathathu. 

IPirates beyivule igebe laba elamaphuzu ayisithupha ngesikhathi ishaya iRichards Bay ngoLwesibili. 

Indlela edlale ngayo iSundowns ikhombise ukuthi inamava nabadlali abasezingeni abenele ukuthi ingakwazi ukuphinde isidle isicoco seligi. 

Ohlangothini lwePolokwane, mhlawumbe isingakhala ngokuthi umqeqeshi wayo, uPhuti Mohafe ubengekho kulo mdlalo obuseLoftus Stadium. 

Kubikwe ukuthi lo mqeqeshi, owayishaya iSundowns ePolokwane emasontweni amabili edlule, uyagula kanti unikwe isikhathi sokwelulamela ekhaya. 

Komunye umdlalo obungoLwesithathu, iStellenbosch FC ayikwazanga ukusebenzisa ukuthi isekhaya ibanjwa yiTS Galaxy ngo 1-1.