EzintshaKaizer Chiefs

UKhune usevuke ‘ngespani’ esisha, akucaci ngeChiefs

U-Itumeleng Khune uphinde waba sematheni ngempelasonto abalandeli beKaizer Chiefs bemkhumbula kulandela ukufathuza kukaFiacre Ntwari. 

Lo nozinti waseRwanda akagculisanga ngendlela avimbe ngayo iChiefs ishaywa yiMamelodi Sundowns ngo 4-0 emdlalweni weCarling Knockout. 

Ngesikhathi abanye babalandeli bebefisa sengathi kungabuyiswa uKhune, yena ubematasa elungiselela isimemezelo esikhulu ngempilo yakhe. 

Useyinxusa le nkampani yokubheja, iTop Bet, okuyinto emenyezelwe ngoLwesithathu emhlanganweni nabezindaba eBrynston, eGoli. 

“Emnyakazweni ongase ujike imboni yezokubheja eNingizimu Afrika, iTop Bet iyaziqhenya ukwethula ubudlelwano bayo no-Itumeleng Khune.

“Njengoba aziwa ngokuzinikela kwakhe, uKhune uzoba sekhaleni lemikhankaso yeTop Bet yokunikeza uhlelo lokubheja olungcono, nokusiza akufukuleni imiphakathi eNingizimu Afrika yonkana. 

“Lobu budlelwano buthembisa ukulethela abalandeli indlela yokubheja ejabulisayo, nezokwenza babuke imidlalo abayithandayo ngelinye iso,” kusho abeTop Bet. 

UKhune akukacaci ukuthi kwenzakalani ngaye kwiChiefs njengoba iqembu lakuveza ukuthi alisafuni aqhubeke nokudlala. 

Ube esethenjiswa umsebenzi ohlakeni lwezokukhangisa kodwa kwavela ukuthi umanqika ngalo msebenzi.

Enye yezinto ezivelile wukuthi uma ethatha lo msebenzi, ubezovimbeka ekwenzeni ezinye izinto eceleni njengakho nje ukuba yinxusa leTop Bet.