
Ushiye abangalazi nge‘qola’ elinguPitso owase-Iran
UPitso Mosimane usethole ukugxekwa okukhulu ngemuva kokushiya isigubhukane kwi-Esteghlal.
Owayeyisikhulu esiphezulu sale kilabhu yase-Iran, uHojjat Karimi, uveze ukuthi wayevele engayizwa eyalo mqeqeshi.
UMosimane, ongomunye wabaqeqeshi abahlonishwayo e-Afrika, ushiye lezi zinkunzi zase-Iran ngenxa yokungaholi.
Manje usengaya kunoma yiliphi iqemu. Kodwa-ke, ukuhamba kwakhe akuzange kwamukelwe kahle e-Iran.
UKarimi uphumele obala, wahlambuluka, wasola isinqumo sokuqashwa kukaMosimane kuleli qembu.
“Bathi balethe iBhubesi lase-Afrika e-Iran,” usho kanje enengxoxo nephephandaba lase-Iran, iVarzesh3.
“Kungani uletha umqeqeshi ovela e-Afrika, lapho ibhola libuthakathaka kunelethu?
“Sathula nje ukuze sivikele isithunzi seqembu, kodwa ngangazi ukuthi ngeke aphumelele.”
Uphinde waveza ukungakholwa isamba esasihambisana nenkontileka kaMosimane.
“Ngemali esimkhokhele yona, besingaqasha abaqeqeshi abangcono kabi kunaye,” kuqhuba yena.
UKarimi ukholwa wukuthi abaqeqeshi base-Iran nabo bafanelwe ukuhlonishwa, banikwe imali efanayo nenikwe uMosimane.
“Uma umqeqeshi wendawo enikezwa lelo holo, abantu bebezothwala izandla ekhanda.
“Futhi nje bakhona abaqeqeshi abangcono lapha ekhaya (e-Iran) naphesheya.”
Phezu kokugxekwa, uMosimane usengumqeqeshi ohlonishwa kakhulu.
Ukuthi uzosebenzaphi okulandelayo akukakacaci okwamanje, futhi kubhekwe ngabomvu.
Ekhuluma kwi-5FM kuleli sonto, uzwakalise ukuthi ngeke avuma ukubuyela kwiSundowns noma ukuya kwiPirates.
Kodwa uveze ukungawuboni kahle umsebenzi kaNasreddine Nabi kwiKaizer Chiefs.
