
UNabi ucishe waphahluka waphendula uPitso
UNasreddine Nabi, ongumqeqeshi weKaizer Chiefs ufana nomuntu othwele uthayela kunomoya kulo msebenzi akuwo.
Phela nguye umqeqeshi wakamuva onikwe umsebenzi wokuvusa leli qembu elingelikhulukazi ebholeni lakuleli.
Ugxekwa ngapha nangapha, kodwa cishe okuzwelile kuye wukungatshazwa uPitso Mosimane muva nje.
Enengxoxo nabe-5FM kuleli sonto, uMosimane uveze ukuthi ubona izinto zihama kahle kwiSundowns nakwi-Orlando Pirates.
Uthe kodwa kwiChiefs akaboni kahle futhi uyamngabaza uNabi ukuthi ngabe ungumqeqeshi owufanele lo msebenzi.
“Ngibazi bonke abaqeqeshi obabalile (oMiguel Cardoso, uJose Riveiro noNasreddine Nabi).
“Ngicabanga ukuthi iPirates inomqeqeshi osezingeni eliphezulu futhi kusahamba kahle, akufanele siyiphazamise.
“KwiKaizer Chiefs, uNabi uzama ukwenza okuthile. Usemusha, kodwa akagculisi neze,” kusho uMosimane.
Izwi likaMosimane linesigqi esizakwalayo ngenxa yempumelelo asebe nayo njengomqeqeshi kuleli nase-Egypt phambilini.
Ekhuluma ngemuva komdlalo wezakhe neStellenbosch FC, la enqobe khona ngo 1-0 ngoLwesihlanu ebusuku, uNabi ucishe waphahluka.
“Kumele siwethembe umsebenzi esiwenzayo lapha. Kuyabonakala kancane lapho sibheke khona,” kusho uNabi kwiSuperSport TV.
“Yize bekhona abanye asebeveze ukungasethembi (cishe ubesho uPitso) kodwa kumele siqhubeke nalo msebenzi wethu.”
Kuthe uma bezama ukumbuzisisa ukuthi ngabe obani labo akhuluma ngabo, wavele wacasha wathi ‘niyabazi.’
