EzintshaOrlando Pirates

Abalandeli bafanelwe okungcono njalo – Sebelebele

Lo mdlali osayinwe yPirates esuka kwiTS Galaxy ungomunye wabadlali abasha abafike bangena khaxa esitayeleni seqembu – futhi abaletha okwehlukile. 

USebelebele ukwazi ukudlala izindawo ezehlukene kwesokudla – kusukela emuva kuya phambili – futhi usenamagoli amabili kuleli qembu lakhe elisha.

Nguye oshaye igoli elibuyisele iPirates emdlalweni ibhekene neMamelodi Sundowns koweMTN8 ngempelasonto edlule. 

Uphinde washaya elihle igoli – okube yishodi alidedele engaphandle kwebhokisi – behlula iStellenbosch FC ngo 1-0 koweBetway Premiership ngoLwesithathu.

Ngemuva kwalo mdlalo obuse-Orlando Stadium uSebelebele – onejubane elimangalisayo – uqokwe njengoMdlali obeVelele. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uphawule ngokumenza azinikele ngaso sonke isikhathi, nokuthi yikuphi la athanda ukudlala khona. 

“Ngibonga uNkulunkulu ngethalente, nabaqeqeshi ngokunginika ithuba lokudlala kwiPirates,” kusho yena.

“Kuleliya goli… Ngibone unozinti elahlile, ngazitshela ukuthi ngizoliyisa laphaya ngenhla,” kuphawula yena ngegoli lakhe. 

USebelebele ubeqale edlala phambili ophikweni lwesokudla, kodwa kwalimala uDeano van Rooyen obedlala emuva, kwashintshwa yena wabuyela emuva.

“Mina ngidlala yonke indawo kwesokudla. Ukuthi kusemuva noma phambili – yonke indawo ngiyaphusha.”

Ube esebuzwa ngomuzwa wokudlala kwiPirates, iqembu aseke wakuveza ukuthi wakhula engumlandeli walo.

“Kuyinto ekhetheke kakhulu kimi ukuba lapha. Uyabona abalandeli bayaseseka, bayasiphakamisa uma siphethe ibhola. 

“Nozakwethu ngiyababonga ngokungemukela kahle nokungeseka okwenze kwaba lula kimi ukujwayela eqenjini.

“Abalandeli basamukele kahle. Vele ke  ngeke bajabule uma sihluliwe, lokho ngikuqonda kahle, yingakho ukukhathazeka kwabo kuzwela nakimi.

“Singabadlali sizinikele ukulungisa amaphutha ukuze sibajabulise. Laba bantu bakhipha imali yabo yokugcina ukuze beze enkundleni bezoseseka. Ngakho kumele sibanqobele imidlalo.” 

USebelebele uzobe ebheke ukuqhubeka nefomu yakhe encomekayo uma sebebhekene neSundowns, asize iPirates ingene kowamanqamu ukuze abe nethuba lokunqoba indebe yakhe yokuqala. 

IPirates izovakashela iSundowns emdlalweni womlenze wesibili kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo. Umdlalo uqala ngo-3 ntambama.