
Sekubhekwe isinqumo ngo-Andrew Phiri obehlolwa yiBucs
Umgadli waseZambia u-Andrew Phiri kuvela ukuthi wenze kahle njengoba ebehlolwa kwi-Orlando Pirates.
Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala kumanje sekubhekwe isinqumo ngaye kulezi zinkunzi zaseSoweto.
Imibiko iveza ukuthi ulihlabe umxhwele ithimba labaqeqeshi ngendlela adlale ngayo ngesikhathi ejima neqembu muva nje.
U-Andrew Phiri, ongumdlali weMuza FC yaseZambia, kuthiwa ukhombise ikhono lakhe elihle lokushaya amagoli ejimini.
Indlela akwazi ukuvela ngayo ezikhaleni nokukhahlelela ipali yikho okudonse kakhulu amehlo abaqeqeshi bePirates.
Iqembu manje selicabanga ukumsayina ukuze lengeze ngaye kubagadli balo ngesizini ezayo.
I-Orlando Pirates ibheke ukuqinisa isikwati sayo njengoba ifuna ukuba neqembu eliqine nakakhulu ukuze libe sezingeni elingcono.
Njengoba i-Orlando Pirates kulindeleke ukuthi ikhulule abanye babagadli bayo, izodinga abazovala izikhala kanti u-Andrew Phiri ubukeka engaba yisixazululo.
Uma esayiniwe uzojoyina uhlu lwabadlali baseZambia asebeke bavelela kwiPirates phambilini.
Kulabo singabala uPerry Mutapa, Isaac Chansa, noCollins Mbesuma, bonke ababa nempumelelo encomekayo kuleli qembu.
AmaBhakabhaka awamahle kahle phambili kule sizini njengoba amagoli ebuye engashayeki ngendlela elindelekile.
Yize ihlome ngabadlali abanekhono abafana noTshegofatso Mabasa no-Evidence Makgopa, ukulimala nokwehlelwa ifomu kube nomthelela ongemuhle.
Ukufika kukaPhiri kungakhulisa umncintiswano wezindawo eqenjini, okuyinto bonke abaqeqeshi abayifunayo.
Ngokwemithombo, abaphathi be-Orlando Pirates sekusele bathathe isinqumo ngokuthi bayamsayina yini u-Andrew Phiri.
Kuthiwa bebefuna ukuqinisekisa ukuthi uyahambelana yini endleleni yokudlala yeqembu nokuthi engaba yni yingxenye yezinhlelo zeqembu zesikhathi eside.
Lo mgadli kuthiwa uzimisele ngokuthola inkontileka ukuze azibonakalise ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Ungumdlali omuhle futhi onekhono elihle elikhulu,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiSoccer Laduuma.
“Wenze kahle kodwa akukho ukuxhamazela ekuthatheni isinqumo. Kungenzeka ukuthi senziwe ekupheleni kwesizini.
“Abaphathi beqembu lakhe eZambia banethemba kodwa ngeke bayixine iPirates ngokuthatha isinqumo.”
