
Inkiyankiya kaNabi: Angena ngomsele azimbele wona
UNasreddine Nabi ufike kwiKaizer Chiefs ebhekwe ngabomvu. Abalandeli bakwamukele ngethemba nangeqholo ukuqokwa kwakhe.
Kodwa imiphumela iye yadumaza. IChiefs ayishintshile, abalandeli baya ngokuya bephelelwa isineke nethemba.
Iqembu elidonsa kanzima liyakuthola ukwesekwa nesineke lidlala kahle ngendlela ethembisayo.
Nokho okweChiefs kaNasreddine Nabi kwehlukile – imiphumela ayimihle, kanti nendlela edlala ngayo ilahlisa ithemba.
Ngemuva kokwehlulwa emdlalweni weshumi kwiBetway Premiershi yiGolden Arrows ngempelasonto, uNasreddine Nabi unxuse isineke.
“Umlayezo wami munye… Ngicela ukubekezela! Asinaso isixazululo njemanje,” usho kanje lo mqeqeshi.
“Ngiyabathemba abalandeli beKaizer Chiefs. Balithanda kakhulu iqembu labo.”
Uxolisile ngemiphumela engemihle, waphinde wanxusa abalandeli ukuthi bangabalwisi abadlali.
“Vikelani iqembu nabadlali ngoba isizini ayikapheli,” kwengeza uNabi odabuka eTunisia.
Okuxakayo ukuthi uNasreddine Nabi usevikela abadlali nje nguye obaqhathe nabalandeli ebagxeka emasontweni ambalwa edlule.
Walibeka ngembaba elokuthi iningi labadlali anabo njengamanje abekho ezingeni lokudlalela iKaizer Chiefs.
Uze waveza ukuthi bahlanu noma bayisithupha kuphela abadlali abasezingeni futhi abanalokho yena akudingayo njengamanje.
Kodwa manje njengoba abalandeli sebebuka ngeso lakhe, bekhombisa ukungeneliseki kwabo ngokuthi bthethise futhi bahhahhameze abadlali, uNasreddine Nabi useyazithukisa.
Ukushintsha kwakhe umbono kungazelelwe kuphakamisa imibuzo. Kungabe usebonile ukuthi amazwi akhe ayalilimaza iqembu lakhe?
Izinkinga zeChiefs azidalwa yizinga labadlali Kuphela. Kwayena uNasreddine Nabi ngokwakhe ubonakala esephelelwe amaqhinga.
Okubi kunakho konke njengamanje kodwa wukuthi ikilabhu ayikwazi ukumxosha manje, ngesizathu semali nesozinzo eqenjini.
Ukuxosha omunye umqeqeshi kuzoqhubezisa umkhokha omubi wokuthi kuyaphekwa kuyathulwa isizini nesizini.
Kodwa into eyodwa ecacile – kumele kube noguquko olukhulu olwenzekayo kwiChiefs.
Ukuthi lokho kufanele kube ngaphansi kukaNabi noma omunye umqeqeshi yisihloko abaphathi abakhulu beqembu okufanele bazindle ngaso.
