
UDzenan Zajmovic usefuna ukudlala kwelilwela izicoco
Umgadli weTS Galaxy, uDzenan Zajmovic, useveze isifiso sokudlulela kwelinye lamaqembu amakhulu futhi alwela izicoco.
Lo mgadli osefomini ungomunye wabadlali abagqamile kwiBetway Premiership kule sizini okungeyokuqala kuye ebholeni lakuleli.
UDzenan Zajmovic ujoyine i-Galaxy ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/25, kanti omthole mahhala esuka eqenjini laseSerbia i-FK Radnik Surdulica.
Selokhu efikile, usefomini eenhle kakhulu, futhi useshaye amagoli angu-12, wabe esakhela ozakwabo amathathu emidlalweni engu-22.
Ukwenza kahle kwakhe kube wukhiye ekusizeni iTS Galaxy ukuthi ihlale endaweni yesine kwilogi ngamaphuzu angama-35.
IRockets isinqobe imidlalo eyisishiyagalolunye, yadlala ngokulingana eyisishiyagalombili, yabe seyihlulwa kweyisikhombisa emidlalweni yeligi engu-24 kuze kube manje.
Lo mgadli ongowokuzalwa eBosnia usefuna ukuqhubela umsebenzi wakhe kwelinye izinga.
Uvumile ukuthi unephupho lokudlalela iqembu elilwela izicoco.
Akalishongo ngegama, kodwa kuyaziwa ukuthi kuleli yiMamelodi Sundowns, Orlando Pirates mhlawumbe neStellenbosch FC amaqembu azimiselayo ngezindebe.
“Ngicabanga ukuthi usihlalo usekhombisile ukuthi akabavimbi abadlali ukuthi bathuthuke ebholeni labo,” kusho uDzenan Zajmovic kwiFARPost.
“Uyakubona lokho ngendlela avumele ngayo ukuthi uSamukelo Kabini ajoyine iMolde FK noThato Khiba ajoyine iStellenbosch FC.
“Uhlale ebagqigqizela abadlali ukuthi bafinyelele ezingeni elingcono kakhulu.
“Kufanele sibe neqiniso mayelana nezifiso zeTS Galaxy,” kuqhuba yena.
“Wonke umdlali ufuna ukunqoba izindebe. Uma ngithatha isinyathelo sami esikhulu esilandelayo, kufanele kube ngesiya eqenjini elilwela izicoco.”
Ifomu kaZajmovic isivele kubikwa ukuthi idonse amehlo amaqemu aphezulu.
Uma eqhubeka nokwenza kahle, lokho kungase kumvulele ithuba lokuyodlala kwelinye lamaqembu angcono kuleli noma ngaphandle.
