
UMakaab nokungase kulandele kuSipho Mbule emva kwe-Iraq
Imenenja yabadlali bebhola, u-Mike Makaab, useveze okungase kube yikusasa lika-Sipho Mbule kulandela ukuqala kahle kwakhe ebholeni laseMiddle East.
Lo mdlali njengamanje udlala kwiZakho SC yase-Iraq kulandela ukushiya kwi-Orlando Pirates.
UMbule, oneminyaka engu-29 ubudala, ube yingxenye yePirates isizini eyodwa kuphela.
Selokhu efike kwiZakho, uMbule usephenduke umdlali obalulekile, futhi usedlale imidlalo yeligi engu-12, washaya igoli elilodwa waphinde wakha elinye.
UMakaab uthi uyajabula ngendlela lo mdlali asheshe ngayo ukujwayela impilo yase-Iraq.
Uthi akumangazi uma engagcina ethole ithuba lokujoyina iqembu elikhulu kuleyo ngxenye yomhlaba.
“U-Sipho Mbule wenze kahle kakhulu. Into engijabulisa kakhulu ukuthi ujabule, uyalithanda izwe nebhola alidlalayo,” kusho u-Mike Makaab kwiFARPost.
“Ngicabanga ukuthi usesimweni esihle kakhulu engake ngambona ekuso isikhathi eside.
“Ngikhuluma ngesimo somzimba nangokwengqondo. Uyakwazi ukukubona lokho kwindlela adlala ngayo.
“Ube ngumdlali ovelele ngempela, waze wanqoba imiklomelo emithathu yokuba ngumdlali ovelele emidlalweni.
- FUNDA NALA | UPitso ucacisa okumcasule ngombuzo ngoMbokazi
“Nakuba iqembu lakhe libhekene nobunzima, yena wenza kahle futhi siyajabula ngalokho.
“Ujabule kakhulu, uyazi ukuthi uthathe igxathu eliya phambili. Esingakufisa ukuthi aqhubeke nokwenza kahle.
“Ngeke kungimangaze uma egcina ejoyine elinye lamaqembu amakhulu eMiddle East,” kuphetha uMakaab.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
