
IGallants icazisa eyeCeltic, yethula abadlali abasha
IMarumo Gallants isiphawule ngamahlebezi ngekusasa lale kilabhu esizinze eBloemfontein.
Kuqubuke amahebezi okuthi leli qembu selithenge igama leBloemfontein Celtic futhi lihlela ukushintshela kuleli gama maduze.
La mahlebezi abhebhetheke okomlilo wequbula ngesikhathi iCeltic imemezela ukuhoxa kwayo kwi-ABC Motsepe League.
ICeltic iveze ukuthi isidayise igama layo kumfelandawonye othile ngenhloso yokubuyisela leli qembu ebholeni elikhokhelayo.
Nokho ngoLwesibili, okhulumela iGallants uSello Nduna uzichithile lezi zinsolo.
Ucacise ukuthi iGallants ayikaze ibambe iqhaza kunoma yiziphi izingxoxo zokudayiswa noma zokushintshwa kwamagama.
“Iqembu aliyona ingxenye yezingxoxo mayelana nokudayiswa kweqembu,” sifundeka kanje isitatimende sakhe.
Khonamanjalo, iGallants imemezele abadlali abasha abasayinisiwe ukuze iqinise iqembu layo.
Isayinise umgadli uJunior Zindoga, owake wadlalela iMaritzburg United kwiDStv Diski Challenge.
UZindoga uphinde wadlalela iYadah Stars yaseZimbabwe neNsingizini Hotspurs yaseSwazini.
Ikilabhu ithe iyamamukela ngethemba lokuthi amakhono akhe azoba wusizo olukhulu eqenjini.
IGallants uphinde yabuyisa uJunior Dion umgadli eyayimdayisele AmaZulu FM eminyakeni emibili edlule.
Lo mgadli wase-Ivory Coast ubuye ngokubolekiswa kuleli qembu azakhela kulo igama efika kuleli.
Ngaphambi kokufika kwiGallants, uDion ubeke waslala kwamanye amakilabhu okubalwa kuwo i-ASEC Mimosas neJwaneng Galaxy.
IGallants izwakalise ukujabula ngokubuya kwakhe, futhi ikholwa wukuthi uzothuthukisa ukusebenza kweqembu.
Omunye okwengezwe ngaye phambili ngumgadli waseGuinea u-Ibrahim Conde.
UConde ube nesizini enhle kwi-University of New Hampshire e-US futhi uke wadlalela amaqembu ahlukene.
IGallants ithe yethemba ukuthi ithalente lakhe lizothuthukisa iqembu.
Leli qembu lithi lihlose ukuqeda isizini ngamandla ngemuva kokuqala ngonyawo lonwabu.
Njengamanje isendaweni ka-13 kwiBetway Premiership ngamaphuzu angu-15 emidlalweni engu-14.
