
UCardoso ugonyuluka ngolukaSaleng kwiSundowns
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns u-Miguel Cardoso usekhiphe inginyuluka ngezinkinga ezikhona ngoMonnapule Saleng kuleli qembu.
Uthi udaba lwalo mdlali manje seluphumile ezandleni zakhe njengoba eseludlulisele kubaphathi bekilabhu.
UCardoso ukuqinisekisile ekuqaleni kwale nyanga ukuthi uSaleng akasaziqeqeshi neqembu lakhe.
Lokhu kulandela izigameko ezahlukene zokungaziphathi kahle, okubalwa kuzo ukungafiki emidlalweni.
Lokhu kubalwa nowomlenze wesibili womdlalo wamanqamu weCaf Champions League ngesizini edlule, nokunqaba ukuyolungiselela isizini e-Austria.
Ekhuluma ngaphambi komdlalo weMTN8 neLamontville Golden Arrows, u-Miguel Cardoso ubuzwe nangoMonnapule Saleng.
“Angifuni ukukhuluma kakhulu ngalokho ngoba okwamanje uSaleng udaba lwekilabhu, akusilo udaba lomqeqeshi,” kusho yena.
“Akuzange kube yinkinga anayo nomqeqeshi. Besihlale sizama kakhulu, kakhulu, kakhulu ukumsiza.
“Besizama ukumsondeza eqenjini, endleleni iqembu elisebenza ngayo.
“Ukumkhumbuza indlela umdlali okhokhelwayo okufanele aziphathe ngayo nokuzinza ngokwengqondo okufanele abe nakho.”
Uthe eqenjini lakhe kunemithetho eyaziwa ngabadlali bonke futhi okumele bayihloniphe.
“Ngaphakathi eqenjini asinazo izinkinga,” kuqhuba uCardoso.
“Siyaqonda ukuthi yimiphi imithetho futhi igumbi lethu lokushintsha linemithetho.
“Kodwa uma umdlali ephula lezi zinto njalo kubadlali asebenza nabo, kubaqeqeshi neqembu, asazi ukuthi singathembela kanjani kuye.”
UCardoso unikeze isibonelo sokungafiki kukaSaleng ngesikhathi iqembu liya emdlalweni onzima.
“Cabanga nje uziqeqesha isonto lonke kahle, bese ufaka igama lakhe ohlwini lwabadlali bosuku.
“Ngosuku esimlindele ngalo ebhasini, avele angafiki,” kubalisa lo mqeqeshi.
“Lezi zinto azenzekanga kanye, azenzekanga kabili, kathathu noma kane.
“Ubeba ngowokugcina ukufika bese ephinda abe ngowokuqala ukugoduka.”
U-Mguel Cardoso uthi iSundowns yake yazama konke ukwenza u-Monnapule Saleng azizwe esekhaya ngisho sekubonakala enezinkinga.
“Umbono wethu ngemuva kokuthi esidumazile wawuthi, masingambeki eceleni.
“Masimamukele, sizame ukumnika ukuzinza, simenze azizwe ebalulekile,” kuqhuba yena.
“Ngikhumbula ukuthi iphini lamo langikhombisa isikhathi lapho ngangidansa naye phakathi kwesiyingi, ngizama ukumqinisekisa ukuthi sifuna ukumhlanganisa nomndeni.
- FUNDA NALA | Ingwadla kwiSekhukhune ngabangekho koweBucs
“Kodwa ukuze ube yingxenye yomndeni, nawe kufanele ufune ukuba yingxenye yalowo mndeni.
“Manje sekuyisikhathi sokuthi ikilabhu ikhulume ngalokhu ngoba sekuyindaba yekilabhu, akuseyona eyomqeqeshi.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
