
Kunconywa oweDowns ohlenge owe-Esperance ‘elengela ekufeni’
Izinxushunxushu phakathi kwabalandeli beMamelodi Sundowns ne-Esperance zifinyelele ezingeni abelingalindelekile nelingelihle eLoftus Stadium ngoLwesibili.
Kuqubuke impi embi phakathi kwabalandeli kodwa kwaba nesenzo esihle somunye umlandeli weMamelodi Sundowns esesishayelwe ihlombe.
Ngesikhathi bebalekela impi, omunye wabalandeli be-Esperance uzame ukweqa, ezama ukubalekela ngezansi kwala abekhona.
Kodwa kucace ukuthi izindawo zishiyene kakhulu futhi uzolimala uma egxuma, wasala elenga kanjalo kusobala ukuthi uma engawa angalimala kabi.
Kuthe kusenjalo, umlandeli weSundowns, ebona lokhu, wazifaka engozini yena uqobo, wagijima wabuyela emuva ukuze amsize ngokumkhipha aphindele endaweni ephephile.
Lo mlandeli obebambekile ubukeka esinda kakhulu kunalo obemhlenga kodwa ongazange akuvumele lokho ukuthi kumvimbe ekwenzeni isenzo esihle.
Isenzo sakhe sobuqhawe neziveza umoya wezemidlalo sihlabe umxhwele umsakazi wezemidlalo odumile u-Andile Ncube weSABC Sport.
Ebhala ku-X efake nesithombe esikhombisa lesi senzo, uNcube uthe isenzo salo mlandeli siveza ukuthi ibhola kumele libe mayelana nani.
“Noma ngabe ingubani le nsizwa… Iyilokhu esiyikho! Iyilokhu ezemidlalo; ibhola elenzelwe ukuba yikhoo.
“Ngiyabonga ngalokhu. Ngokusindisa impilo yale ndoda,” ubhale kanje uNcube.
Izigameko zodlame ezenzeke ngemuva kokunqoba kweSundowns ngo 1-0 sezigxekiwe futhi nenkombankombane ngokuthi yiluphi uhlangothi oluqale udweshu isiqalile.
Futhi manje sekuvela ukuthi i-Esperance iqoqa ubufakazi ukuze ifake isikhalazo esisemthethweni kwiCaf ngalolu daba.
Intatheli edumile yebhola lase-Afrika, uMickey Junior ubhale ku-X ukuthi leli qembu laseTunisia alineme ngendlela ezokuphepha ebezihlelwe ngayo.
“I-Esperance Sportive de Tunis izofaka imibiko kwiCaf mayelana ngendlela abalandeli bayo abaphathwe kabi ngayo ePitoli namuhla (ngoLwesibili).
“Lezi zinkunzi zaseTunisia zihlanganisa umbiko futhi ziqoqa ubufakazi obuzothunyelwa kwiCaf njengoba zithi zihlaselwe ngodlame.
“I-Esperance ithi abalandeli bayo bebehlezi lapho bebeyalelwe khona kodwa abalandeli beSundowns bavele baqonda kubo nokuyinto esuse uthuthuva.
“Le kilabhu iphinde yaqinisekisa ukuthi bonke abalandeli bayo baphephile futhi nabasesibhedlela bathola ukwelashwa okufanele.”
