
Funda ngemali, ube yisicukuthwane koweNedbank Cup
Ulwazi lwemali akudingekile ukuthi lube yinto ekufakela umnzwangedwa nesicefe.
I-Nedbank ifakazele lokhu nge-#YaRonaDanceChallenge yayo eholwa isihlabani se-TikTok uRaizor Steezy.
Bahlanganisa umdanso namathiphu akusiza ukhalipha ngemali yakho.
Isiza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bafunde ngokonga nokusebenzisa imali ngendlela efanele nengezubashiya bejabhile.
Le nselelo yomdanso ibungaza isiko laseNingizimu Afrika. Ihlanganisa umdanso nothando lwebhola.
Ngendlela efanayo indlela okujatshulelwa ngayo amagoli, nomsindo wabalandeli okuletha ngayo injabulo emdlalweni, umdanso uxhumanisa imiphakathi.
UBuli Ndlovu, oyinhloko yeMarketing for Retail and Business Banking kwa-Nedbank, uwuchaze kabanzi lo mbono.
“Abantu baseNingizimu Afrika bayawuthanda umculo nomdanso,” kusho uBuli Ndlovu.
“Sisebenzisa lokhu ukwenza imfundo yezemali ibe mnandi, futhi ifinyeleleke kalula.”
Ukufunda ngezemali kuyikhono elibalulekile lempilo. UFrank Magwegwe, uchwepheshe wezempilo yemali kwaNedbank, ugqamisa ukubaluleka kwayo.
“Abantu abaningi baseNingizimu Afrika badonsa kanzima ngokwemali,” kuchaza uMagwegwe.
“Bangaphezu kuka-40% abangenayo imali abayongele izimo eziphuthumayo.
“Lokho kubabeka engozini embi.” Umbiko we-NedFinHealth Monitor ka-2024 kunesidingo semfundo engcono yemali.
I-Nedbank nayo ikhombisa okuzuzwayo ngokubhanga nayo. Abanikazi be-akhawunti ye-MiGoals Plus bathola isaphulelo esifika ku-30% uma bebhukha izindiza nesaphulelo esingu-50% sokubuka amafilimu e-Nu Metro.
Abasebenzisa i-JustSave Account abayikhokhi imali yanyanga zonke futhi bafinyelela emalini yabo ngokushesha.
U-Raizor Steezy naye ubeke owakhe umbono ngokuthi kungani ulwazi lokuphathwa kwemali lubalulekile kubantu abasembonini zezokungcebeleka.
“Amathuba awapheli, kodwa ngaphandle kolwazi lwemali, impumelelo ingashabalala.
“Le nselelo imayelana ngokusebenzisa imali ngendlela ekhaliphile.”
UMagwegwe wengeze wathi, “Ukonga, ukusebenzisa ngokuhlakanipha, nokutshala imali kusiza intsha yaseNingizimu Afrika yakhe ikusasa elivikelekile.”
Joyina i-#YaRonaDanceChallenge bese uzibeka ethubeni lokuziwinela amathikithi okuba yisicukuthwane emdlalweni wamanqamu we-Nedbank Cup.
Ungangena Kanjani:
✅ Landela @Nedbank ku-TikTok.
✅ Ziqophe ushaya lo mdanso. (Buka ividiyo ngezansi)
✅ Shicilela ku-TikTok usebenzisa i-#YaRonaDanceChallenge. Thega @Nedbank no-@Raizor_Steezy.
