EzintshaMTN8Orlando Pirates

Ingwadla kwiSekhukhune ngaphambi kowePirates

Umqeqeshi we-Sekhukhune United uCedric Kaze useqinisekise ukuthi kunabadlali ababili ababalulekile abazophuthelwa umdlalo ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo.

UVuyo Letlapa noTsepho Mashiloane ngeke bakwazi ukudlala emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu weMTN8.

Lo mdlalo uzodlalelwa e-Old Peter Mokaba Stadium. ULetlapa akakaziciji neqembu kusukela alimala emdlalweni neKaizer Chiefs.

UMashiloane naye ngeke adlale. Lo mdlali ubolekiswe yiPirates kwiSekhukhune kule sizini.

Kodwa kunesigatshana esivumelwaneni salamaqembu esimvimbela ukuthi abhekane neqembu lakhe.

UKaze uthi ukungabikho kwabo kuyisithito esikhulu.

“UVuyo akakaziqeqeshi selokhu alimala emdlalweni neKaizer Chiefs. 

“Ngakho ngoMgqibelo sizobe singenaye noTsepho Mashiloane,” kusho uKaze.

“UMashiloane ngicabanga ukuthi kunesigatshana esimvimbela ukuthi adlale.

“Kuyisithiyo esikhulu ngoba ungumdlali obalulekile kithina kusukela ekuqaleni kwesizini.

“Abadlali esinabo kumele bakwazi ukuncintisana futhi bamukele le nselelo.”

I-Sekhukhune United izokwamukela i-Orlando Pirates ngoMgqibelo emlenzeni wokuqala weMTN8 ePolokwane.

La maqembu azophinde abhekane ngoLwesibili emdlalweni weBetway Premiership e-Orlando Amstel Arena.

– FUNDA NALA | Kuphinde kwabhimba kwelenkulisa yeBucs

Ngemuva kwalokho, ayobe esephinda futhi ahlangane emlenzeni wesibili womdlalo owandulela owamanqamu ngempelasonto elandela lapho.