EzintshaMamelodi Sundowns

UMiguel Cardoso uveza okungamchazanga begingqa i-Esperance

Lona bekuwumdlalo womlenze wokuqala wesigaba somkhumulajezi kwiCaf Champions League kanti ubuseLoftus Stadium ngoLwesibili ntambama. 

Igoli likaPeter Shalulile lenze iSundowns yanqoba okokuqala ngqa ibhekene nalezi ziqhwaga zaseTunisia ngemuva kokuhlulwa kathathu nokudlala ngokulingana kanye.

Naphezu kokuwina, umqeqeshi uMiguel Cardoso akazange aneliseke ngendlela iqembu lakhe elisebenze ngayo kulo mdlalo ophele sekunezidubedube zokulwa kwabalandeli. 

Ugxeke kakhulu indlela abadlale ngayo esiwombeni sokuqala, ethi abadlali abazange balandele imiyalelo yakhe.

“Ngicabanga ukuthi isiwombe sokuqala besingenabo ubuhlakani okufanele ngakithi uma ubheka indlela esidlale ngayo,” kusho uCardoso ngemuva komdlalo. 

“Asizange silandele uhlelo lomdlalo. Lokho kubalulekile ngoba uma unganamatheli ohlelweni, ngeke udlale ngendlela ofuna ngayo.”

UMiguel Cardoso uvumile ukuthi iqembu lakhe lisilawulile isiwombe sokuqala kodwa lehluleka ukwenza ebelikuhlosile. 

Ujabulile ngendlela abenze ngayo emizuzwini engu-20 yokuqala yesiwombe sesibili okuholele ekutheni uShalulile ashaye igoli.

“Ngaleso sikhathi, sidlale ngendlela ebesifuna ngayo,” kusho yena. “Kodwa-ke asizange siyilawule kahle imizwa yethu. 

“Bekufanele siqhubeke ngesitayela esifanayo ukuze silwele ukuthola igoli lesibili.”

Lo mqeqeshi odabuka ePortugal uvumile ukuthi i-Esperance iyimbangi enzima futhi kusazomele bazibambe ziqine. 

Ugcizelele ukuthi umdlalo usavulekile futhi iqembu lakhe kumele liibambe ziqine emlenzeni wesibili.

“Umsebenzi osenziwe kuseyingxenye nje. Sisamelwe umsebenzi omkhulu phambili,” kwengeza yena. 

“Kodwa kungcono ukungena emlenzeni wesibili uhamba phambili ngo 1-0 kunokuya kuwo zibambene ngo 1-1 noma ngo 0-0.”

ISundowns manje isizogxila emlenzeni wesibili osekuhambeni eTunisia lapho ihlose khona ukuziqinisekisela indawo kweyandulela owamanqamu.