
UCardoso nesicelo kubalandeli beSundowns
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, u-Miguel Cardoso, usecele abalandeli ukuthi bazethembe izinqumo zakhe ngeqembu.
Uthi lokhu ukucela ngoba usazoshintshashintsha abadlali abaqala imidlalo ngenxa yokuthothelana kwemidlalo.
ISundowns isinqobe izindebe ezimbili kule sizini, iMTN8 neFIFA African-Asian-Pacific Cup, kanti isahamba phambili kwiBetway Premiership.
UCardoso uthi abadlali abazodlala bazokhethwa ngokwesimo sabo somzimba, hhayi ngokuthi bajwayele ukuba sohlwini lwabadlali abaqalayo.
“Ngifisa ukuthi abalandeli baqonde ukuthi sidinga ukushintshashintsha abadlali ukuze basekele izinqumo zethu.
“Kumele sisebenzise labo abasesimweni esingcono sokudlala,” kusho uCardoso.
Ugcizelele nokubaluleka kokugcina bonke abadlali benogqozi futhi bekulungele ukusebenzisa amathuba abawatholayo.
Uveze uFawaaz njengesibonelo. Lo mdlali wadlala kahle emdlalweni owandulela owamanqamu, kodwa wangawuqala owamanqamu njengoba kwakhethwa uDevine Lunga no-Aubrey Modiba.
“Sibatshela ukuthi basethembe ngokuthi isikhathi sabo sizofika. UFawaaz uyakuqonda ukuthi kumele ahlale ekulungele ukudlala,” kusho yena.
- FUNDA NALA | OweChiefs nokubili okumkhathazayo ngeqembu
U-Miguel Cardoso uthi ukuncintisana ezindaweni ezahlukene kwiMamelodi Sundowns kuzosiza ukugcina izinga liphezulu.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
