EzintshaKaizer Chiefs

ULeaner wenze uKhanye ancome iChiefs ‘okokuqala’ 

U-Junior Khanye usekhulumile, kanti kulokhu abalandeli be-Kaizer Chiefs bangase bakujabulele akushilo kulokhu.

Okungenzeka okokuqala kule sizini, lo mdlali owazakhela igama kuwo Amakhosi, uncome leli qembu ngemuva kokudlala ngokulingana neGolden Arrows ngeSonto.

Kodwa akulona lonke iqembu elimjabulisile. UKhanye ugxile kakhulu kunozinti obedlala okokuqala kulezi zinkunzi zaseSoweto.

URenaldo Leaner udlale okokuqala kuleli qembu elingelikhulu kunawo wonke ngokwabalandeli kuleli.

Futhi uphume enkundleni engazange angenelwe goli. Yikho kanye okuchaze uKhanye.

“Kimina, emdlalweni wakhe wokuqala, ngoba iChiefs yiqembu elikhulu,” kuchaza yena.

“Futhi sikwahlulela ngemidlalo yakho yokuqala ukuthi ulifanele yini leli zinga. 

“Ubezothe kahle, engatatazeli futhi ngicabanga ukuthi wenze kahle kakhulu.” 

ULeaner akazange aphoqeleke ukuthi enze izimanga eziningi epalini. 

Okuhlabe u-Junior Khanye umxhwele yindlela lo nozinti kwe-Kaizer Chiefs abebukeka sengathi usenesikhathi eside ngayo ekuleli qembu.

“Akukho okuningi akwenzile ngokuvimba amabhola, kodwa indlela abelawula ngayo izitobha zakhe beyiyinhle,” kuqhuba uKhanye.

“Halala kunozinti. Bekungekho amaphutha amaningi. Ngiyithandile indlela abevikela ngayo indawo yakhe.”

Lokhu kunconywa okukhulu okuvela ku-JUnior Khanye, obevame ukugxeka kukhulu i-Kaizer Chiefs uma ehlaziya kwakhe kwi-iDiski TV.

Uma uLeaner eqhubeka nokwenza kahle ngendlela abenze ngayo emdlalweni wakhe wokuqala, kungenzeka uKhanye aqhubeke nokuthola amagama amahle azowasho ngaMakhosi.

Abalandeli beChiefs bazobe bethemba ukuthi lokhu kuyisiqalo nje.