Betway PremEzintsha

IRichards Bay iqoke umqeqeshi omusha — incoma amava akhe

Iqembu leBetway Premiership elizinze KwaZulu-Natal, i-Richards Bay selisheshe lasivala isikhala somqeqeshi osule ngesonto elidlule.

Leli qembu seliqoke uDimitar Nikolaev Pantev waseBulgaria njengomqeqeshi walo omusha.

INatal Rich Boys iqinisekise ngoMsombuluko ukuthi uPantev usayine inkontileka yonyaka owodwa, enenketho yokwelula.

“IRichards Bay Football Club iyakujabulela ukumemezela ukuqokwa kukaDimitar Nikolaev Pantev njengomqeqeshi omkhulu. 

“Usayine isizini eyodwa enenketho yokwelula,” kusho isitatimende sekilabhu.

UPantev, oneminyaka engu-50, uneziqu ze-Uefa A Licence futhi ufika nerekhodi elihle lomsebenzi awenze e-Afrika eseMpumalanga neseNingizimu.

Useke waqeqesha iSimba SC eTanzania, namaqembu amabili eBotswana iJwaneng Galaxy neGaborone United.

I-Richards Bay igqamise impumelelo yakhe emiqhudelwaneni yeCaf nakweyasekhaya njengento eyihehe kuye.

UPantev ubambe iqhaza elikhulu ekuholeni iSimba SC ukuthi ifinyelele esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League ngo-2025.

Ngo-2024, wahola i-Orapa United yafinyelela esigabeni samaqoqo kwiCaf Confederation Cup.

Uphinde wanqoba iBotswana National Cup neJwaneng Galaxy ngesizini ka-2025/26, kanti ngaphambi kwalokho wanqoba iligi yaseBotswana neGaborone United ngo-2024/25.

“Umqeqeshi uDimitar uza nolwazi oluningi. Iklabhu iyakujabulela ukumamukela futhi imfisela okuhle kodwa,” kusho iRichards Bay.

Ukuqokwa kukaPantev kukhombisa ukuthi i-Richards Bay ifuna umqeqeshi onolwazi lwemidlalo yeCaf, nowazi ukuthi kunjani ukuhola iqembu elizowina izicoco.

Manje sekuqala isikhathi esisha ngaphansi kukaPantev sesqalile kwiNatal Rich Boys edonsa kanzima njengoba isenamaphuzu amathathu emidlalweni eyisikhombisa.