EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou ‘unkonkozele’ iDowns iPirates idla amagalane

Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou uthi leli qembu sesiphenduke “umshini wamaphuzu” futhi lifuna ukuqhubeka nokuba phezulu kwiBetway Premiership.

U-Ouaddou ukhulume kanje ngemuva kokuthi iPirates iqhubeke nokwenza kahle, njengoba isibheke ukugcina umgqigqo eqale ngawo.

“Kumele ngihlale ngithobekile, kodwa sesiphenduke umshini wamaphuzu. 

“Bekuvame ukuba elinye iqembu elalaziwa njengomshini wamaphuzu,” kusho u-Ouaddou.

Kusobala ukuthi ubekhuluma ngeMamelodi Sundowns, ebese kuphele iminyaka iqoqa amaphuzu amaningi kwiPremiership futhi ihubhisa amanye amaqembu utalagu.

Kodwa u-Abdeslam Ouaddou ufuna izinto zishintshe. I-Orlando Pirates ingompetha beligi futhi lo mqeqeshi wayo ufuna iqembu lingabi yilelo elizingelayo, kodwa kube yilo elizingelwayo.

“Kule sizini sidlala indima yethu njengompetha futhi sifuna ukuhlala lapho. 

“Sifuna ukuhujwa, hhayi ukuthi kube yithi esihubhayo,” kuqhuba yena. 

Uthi lowo wumqondo afuna ukuwufaka kubadlali bakhe.

“Yilowo mqondo engifuna ukuwunika abafana bami… ukuthi babe yimishini yamaphuzu.”

U-Ouaddou akafuni iPirates ilahle amaphuzu kalula. 

Inhloso wukunqoba lapho kungenzeka khona, kodwa okubalulekile ukuthi iqembu linganiki izimbangi ithuba kwilogi.

Lo mqeqeshi waseMorocco uke wakhombisa ukuthi ufuna iPirates idlale ngendlela yokuzibophezela, ngaphandle kokulahlekelwa ukugxila emgomweni omkhulu wokuwina izicoco.

Manje umyalezo ka-Abdeslam Ouaddou ucacile: i-Orlando Pirates ayisafuni ukulandela ngemuva, ifuna kube yiyo ejahwayo.

Ifuna kube yiyo ezihola phambili, bese ilokhu iwahuhise utalagu amanye amaqembu.