
UMonyane ubabaza ‘ubumndani’ bokudlalela iChiefs
UThabiso Monyane udlale umdlalo wakhe wokuqala kwiKaizer Chiefs kusukela eshiye kwi-Orlando Pirates, wawelela eNaturena.
Ukusayinwa kwalo mdlali wasemuva kwesokudla kwiChiefs – ehambisana noPaseka Mako odlala kwesokunxele – kwamangaza abaningi.
Ngeshwa lakhe, uMako kubikwa ukuthi waphuka ingalo ejimini osekubambezele ukungena kwakhe eqenjini eliqala imidlalo.
Kodwa uMonyane yena ube ngomunye wabadlali abaqalile ngesikhathi iChiefs iphinde ishiya iStellenbosch FC ikhala, iyishaya ngo 2-0 ngeSonto emdlalweni weBetway Premiership.
“Besenze amalungiselelo anqala ngaphambi kwalo mdlalo,” kusho uMonyane kwabesizindalwazi seChiefs ngemuva kwalo mdlalo obuseKapa.
“Ay, ay… Umuzwa womdlalo bewumangalisa. Ngiwuthokozele kakhulu. Ngifuna ukubonga ozakwethu nabaqeqeshi ngokukholelwa kimi.
“Abafana basebenze ngokuzikhandla ukuze siphume namaphuzu amathathu,” kuqhuba lo mdlali okhuliwe yiPirates kusukela esengumfanyana omncane.
Uveze ukuthi akazisoli ngesinqumo sakhe sokusuka kwiPirates aye ngqo kwiChiefs, okuyinto engajwayelekile neze.
“Ngibona kuyithuba elihle kimi ngoba akunoma ngubani owenza lo mnyakazo onjena. Ngizimisele ukukhipha wonke amangwevu ami ukulwela leli bheji.”
Okunye okuchaze uMonyane ngalo mdlalo wakhe wokuqala kuMakhosi wukuthi bakwazile ukungangenelwa goli, into athi bazimisele ukuyenza emidlalaweni eminingi kule sizini.
“Umsebenzi wami wokuqala enkundleni ukuvala emuva, ngakho ngijabule ngodonga lwasemuva ngoba sikwazile ukugangenelwa goli.
“Kimi, lokho kusho ukuthi sibe nosuku oluhle. Sizimisele ukungangenelwa magoli emidlalweni eminingi kule sizini.”
FUNDA NALA | KUSOLWA ABEPIRATES NGOKUDLALELA UKUBUKWA
UMonyane manje usebheke ukudlala okokuqala phambi kwabalandeli basekhaya eFNB Stadium ngoLwesithathu uma iChiefs seyibhekene nePolokwane City.
“Sinethemba elikhulu, futhi sihlose ukunqoba yonke imidlalo. Yileyo inhloso yethu,” kuqhuba yena.
“Ebholeni ayikho into eqinisekisiwe. Sizobhekana nezinselelo ngokuvela kwazo, senze okusemandleni ngaso sonke isikhathi.”
