EzintshaOrlando Pirates

Inkakha isola abadlali bePirates ‘ngokudlalela ukubukwa kuTik-Tok’ 

Lokhu kulandela ukungagculisi kwePirates emdlalweni wayo wokuqala weBetway Premiership la ishaywe khona yiSekhukhune United ngo 1-0 ngoMgqibelo odlule. 

Lo mphumela uvele wadunga umoya kwiPirates kwazise ibhekiwe ekutheni yenze kangcono kakhulu kule sizini kulandela izinguquko ezinqala ezenzile. 

Yize iPirates iwakhile amathuba kulo mdlalo, ayizange ikhomise ubukhali obufanele phambili ukuthi iwasebenzise ngendlela efanele. 

Manje uMayambela ukhala ngokuthi kunezikhathi la ebone sengathi abadlali bebenzela ukuthi kutholakale amavidiyo abo azothrenda kuTik-Tok. 

Ngemuva komdlalo wayo wokuqala kule sizini – la ishaye khona iPolokwane City kwiMTN8 – iPirates beyibatshazwa yonke indawo ezinkundleni zokuxhumana. 

“Ukuzama akwanele neze, uma sikhuluma iqiniso,” kusho uMayambela kwiSoccer Beat ngoMsombuluko. 

Njengoba iMamelodi Sundowns – engompetha abavikela isicoco seligi – beyiqale kabi ibanjwa yiChippa United, bekubhekwe ukuthi iPirates isebenzise lelo thuba ukugxuma ihlale phambili.

“Ukuzama ngeke kulivale igebe phakathi kweqembu namanye azihola phambili kwilogi noma iqembu eselinqobe isicoco seligi amahlandla ayisishiyagalombili kulandelana. 

“Kudingeka ukuzinikela nje okuncane nokukhombisa isibindi ngoba kukhona la obubona khona sengathi bayazidlalela nje ukuze bagqame kuTik-Tok noma ezinkundleni zokuxhumana.

“Bekungathi babheke ukuthi abantu bathathe amavidiyo bawashicilele ezinkundleni zokuxhumana… Kimi, lokho akwenele neze.”

UMayambela, nabalandeli baleli qembu abaphenduke ihlaya kwabanye ngempelasonto edlule, bazobe bebheke ukuthi iqembu lenze kangcono emdlalweni olandelayo.

IPirates izovakashela iMarumo Gallants eDr Molemela Stadium eBloemfontein ngoLwesibili – umdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku.