EzintshaOrlando Pirates

UNemtajela uphendula ngokuba ‘yintandokazi’ yomqeqeshi weBucs

Umdlali wasesiswini se-Orlando Pirates, uMasindi Nemtajela, usephawule ngezinsolo eebezimlandela isizini yonke.

Lo mdlali ubebhekene neshwa lokuthi asolwe ngokuba yintandokazi yomqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou

Uthi ukuzwa lamazwi kube buhlungu futhi bekumphula umoya ngoba kufela amathe ukuzikhandla kwakhe.

U-Masindi Nemtajela, oneminyaka engu-24 ubudala, uzithole ebhekene nalezi zinsolo ngesikhathi eqala ukuthola amathuba amaningi okudlala kwi-Orlando Pirates.

Ziqale ngesikhathi uThalente Mbatha elimele kodwa abalandeli bengazi ukuthi yini eyenza adlaliswe, bese Mbatha engabi ngisho sebhentshini.

Njengoba bebesuka kwiMarumo Gallants bobabili no-Ouaddou, kube sengathi yilokho okwenza anikwe ithuba.

UNemtajela uthi ekuqaleni wayezama ukunganaki lokho, kodwa izinto zashintsha ngemva komdlalo weNedbank Cup neCasric Stars.

“Ngemuva komdlalo weCasric, izinto zangithinta kakhulu,” kusho yena kwiBucs Camp.

“Imiyalezo ebisemithonjeni yezokuxhumana ibinzima kakhulu.”

Lo mdlali odabuka eVenda uveze ukuthi wagcina ebuyela ekhaya eSoweto ukuyofuna iseluleko kubazali bakhe ngesikhathi ebhekene nengcindezi enkulu.

“Abazali bami bangitshela ukuthi uma udlala ibhola kwiPirates akuwona wonke umuntu ozokuthanda. 

“Awuyona imali ngakho ngeke uthandwe ngumuntu wonke,” kuqhuba yena.

U-MAasindi Nemtajela uphinde wakuphika ngokuphelele ukuthi ubudlelwano obukhethekile phakathi kwakhe no-Ouaddou.

“Ngafika kwi-Orlando Pirates ngaphambi komqeqeshi. Iqembu langisayina kuqala, yena wafika kamuva. 

“Akukho ubudlelwano obukhethekile. Asisondelene ngaleyo ndlela, futhi ngeke ngithi ungubaba kimi,” kuchaza yena.

Okumangazayo wukuthi ukusebenza kahle kwakhe ekuqaleni kwesizini kwamenza wabizelwa okokuqala eqenjini lesizwe iBafana Bafana nguHugo Broos.

Nokho, ukungatholi isikhathi esanele sokudlala engxenyeni yesibili yesizini kulimaze amathuba akhe okubuyela eqenjini lesizwe.

Naphezu kokugxekwa nokuhlushwa, u-Masindi Nemtajela uthi useqinile manje futhi uzimisele ukuqhubeka nokufakazela ukuthi indawo yakhe kwi-Orlando Pirates uyisebenzele.