
Akasahlalisekile oweChiefs onyiwa yijezi
- Intatheli yeLISENETHINI
Omunye wabadlali basemuva beKaizer Chiefs kuthiwa akasahlalisekile futhi usefisa leli qembu limbolekise noma noma limkhulule.
Kuthiwa uThatayaone Dithlokwe ubona ibhola lakhe lizofa kule minyaka ezayo uma ehlala kuleli qembu laseNaturena.
Lokhu kungenxa yokuthi kusukela kufike umqeqeshi uNasreddine Nabi usehlele ezansi ohlwini lwabadlali abaqala imidlalo futhi abukeka emancane amathuba okuthi lokho kujike.
UDithlokwe ubengakangeni eqenjini eliya emidlalweni kuMakhosi kule sizini njengoba uNabi esebenzisa abadlali abasha, okuyibo akhela phezu kwabo udonga lwasemuva.
UNabi usebenzisa u-Inacio Miguel noRushwin Dortley emuva maphakathi nenkundla, bese uGiven Msimango yena abe sebhentshini.
Lokhu kuthiwa kumphazamisile uDithlokwe ojoyineAmakhosi esuka kwiSuperSport United la abengukaputeni khona ngesizini edlule.
Lo mdlalo odabuka eBotswana futhi ongukaputeni weqembu lesizwe ufike waba ngumdlali omqoka ngaphansi kukaMolefi Ntseki noCavin Johnson.
Ubedlala noMsimango emuva, kanti bekuke kwanesikhathi kuze kwaba nezinkulumo zokuthi uzogcina engukaputeni weqembu.
Kodwa konke lokho sekuphelile kusukela kufike uNabi kanti imithombo esondelene naye isiveze ukuthi usefisa ukushiya.
Kuthiwa isifiso sakhe wukuthi ngoJanuwari – uma sekuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali – kubolekiswe ngaye noma akhululwe.
“Ubona ikusasa lakhe lifadala uma eqhubeka nokuhlala kwiChiefs ngoba uyabona naye ukuthi amathuba okuthi adlale mancane,” kusho umthobo.
“Nendawo yakhe eqenjini lesizwe eBotswana isengcupheni uma ezohlala kwiChiefs bese engadlali njengoba kwenzeka njengamanje.”
