
Indlela uMiguel Cardoso asuse ngayo ithunzi likaPitso kwiDowns
Njengoba isithunzi sikaPitso Mosimane besilokhu simgubezela ezinyangeni ezedlule, uMiguel Cardoso useveze indlela abhekane nayo nengcindezi kwiMamelodi Sundowns.
Lo mqeqeshi wasePortugal ubhekane nokusolwa nokungatshazwa okukhulu ngasekuqaleni kwesizini.
Izikhalo zabalandeli abebefuna achithwe bese ziyinsakavukela njengoba bebefuna kubuyiswe umqeqeshi owavusa leli qembu walenza umshini ongavimbeki – uPitso Mosimane.
Nokho uMiguel Cardoso uphendule ngomsebenzi enkundleni, efana eqondise iMasandawana komunye umdlalo wamanqamu weCAF Champions League.
Ingcindezi ibishubile ngesikhathi iSundowns idonsa kanzima ukubamba umgqigqo ezigabeni zokuqala zalo mqhudelwano.
Kodwa ukusebenza kwayo kowandulela owamanqamu kuphawule uguquko olulethe ukukhulululeka kulo mqeqeshi.
Ephawula ngokugxekwa nokungethenjwa abhekane nakho, uMiguel Cardoso ulume epholisa kuhle kwegundwane.
“Lezo zinhlobo zabantu aziyiyiphazamisi impilo yami,” kusho yena ngabebengamthembi.
“Ngithola amandla kulabo ababalulekile. Kungenzeka bekunokungabaza ngokuthi ngizohlala yini, kodwa thina besazi ukuthi ngizohlala.
“Yimina, iphini lami, ikilabhu, abaphathi, nabadlali — sonke besazi ukuthi angiyi ndawo.”
Njengoba izifiso zezwekazi zisesimweni esihle, iSundowns manje ijikela kwiBetway Premiership, lapho izobhekana khona neStellenbosch FC eLoftus Stadium ngoLwesithathu.
Ukunqoba kuzoyibuyisela phezulu kwilogi la isembangweni oshubile ne-Orlando Pirates.
