EzintshaKaizer Chiefs

Sesidlulile isikhathi sokuthi okusenethini ufishi eNaturena

Ukufika kukaNasreddine Nabi kwiKaizer Chiefs sekujike indlela leli qembu elenza ngayo izinto uma kuthengwa abadlali. 

Leli qembu bese linegama elibi lokuqoqa abadlali abaphelelwe yizinkontileka kwamanye amaqembu.

Kodwa manje iChiefs seyigxile kubadlali abasezingeni futhi abazohambisana nendlela uNabi afuna kudlalwe ngayo. 

Lo mqeqeshi waseTunisia ukusho kwacaca ukuthi akafune mdlali ozokwandisa isibalo eqenjini lakhe. 

Uchithe abadlali abambalwa abelethelwa bona ngoba ethi abekho kuleli zinga alifunayo. 

Lesi sinqumo sikaNabi siveza ukuzimisela kwakhe ukwakha iqembu eliqinile, nelizokwazi ukuncintisana namanye. 

Amahlebezi akamuva athi usecele abaphathi beChiefs ukuthi kumele bakhulule abadlali abathile angababoni behambisana nesitayela sakhe. 

Lokhu kuqinisa isandla kubeka iChiefs ethubeni elihle lokwakha kabusha iqembu, okuyinto edingeka kakhulu. 

Sekuneminyaka iChiefs isolwa ngokusayina abadlali asebekhathele nabangekho ezingeni eliyifanele. 

Lokhu kwaholela ekutheni iqembu lingadlali ngendlela elindelekile. Ngokukhuphula izinga labadlali, uNabi uzama ukukushintsha lokho. 

Amandla nokuzethemba kukaNabi kuyadingeka ukuze iqembu liqine, lizwazi ukuncintisana namaqembu anjengeSundowns.

Nokho, lezi zinguquko azibanga lula, zibe nezinselelo ezinzima. Abadlali abasezingeni bathengwa ngemali eshisiwe. 

IChiefs kuzodingeka imeseke uNabi ngokuthi imnike imali yokufeza izifiso zakhe ngabadlali abafunayo. 

Ngale kwalokho, ukungawubambi umshini kukaNabi sekulethe isiqalo esisha, kwavuselela ugqozi eNaturena.