EzintshaKaizer Chiefs

Sekubhekwe isinqumo seKaizer Chiefs ngoMabasa

I-Kaizer Chiefs inethuba elikhulu lokuphinde ihlomule ngokusayina u-Tshegofatso Mabasa osanda kudedelwa yizimbangi zayo i-Orlando Pirates.

Ngokombiko weFARPost sekusezandleni zeChiefs ukuthi iyamsayina yini lo mgadli ngemuva kokuhlukana ngokusemthethweni nePirates ekuqaleni kwaleli sonto.

Lo mgadli weBafana Bafana ushiye iPirates njengoba inkontileka yakhe izophela uma kusongwa uJuni.

Lokhu kumenza abe ngumdlali okhululekile futhi ongakwazi ukuxoxisana nanoma yiliphi iqembu.

Kuthiwa abamele u-Tshegofatso Mabasa sebeziqalile izingxoxo ne-Kaizer Chiefs, kanti sekusele kuyo ukuthi yenza njani.

UMabasa ube nesikhathi esinzima ngaphansi komqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou ngesizini edlule njengoba ehlulekile ukuthola indawo eqenjini eliqala imidlalo. 

Lokho kwagcina kuholele ekutheni abolekiswe kwiStellenbosch FC ngoJanuwari.

Yize kunjalo, lo mgadli ushiya iPirates engomunye wabashaye amagoli amaningi kuleli qembu. 

Ushaye amagoli angu-50 emidlalweni engaphezu kuka-130, futhi ubeseshoda nje ngamagoli ayisishiyagalombili ukuze aphule irekhodi likaBenedict Vilakazi.

Imithombo iphinde iveze ukuthi uMabasa ufuna ukuqala alalele izicelo zamaqembu aseNingizimu Afrika ngaphambi kokucabanga ngezinhlelo zokuyodlala phesheya.

Asekhona amaqembu aseNyakatho Afrika asekhombise ukuba nentshisekelo ngaye.

Uma i-Kaizer Chiefs imsayina, u-Tshegofatso Mabasa uzophinde ahlangane nabadlali ababengozakwabo kwiPirates, uPaseka Mako noThabiso Monyane.