
Ikhonjwa eMoses Mabhida idabhi yaseSoweto
- Sibongiseni GUMBI
Kungenzeka iMoses Mabhida Stadium yaseThekwini iqokwe njengokuzobanjelwa kuyo umdlalo womkhaya baseSoweto wokuqala kule sizini.
Kuvela ukuthi iFNB Stadium, okuvamise ukubanjelwa kuyo lo mdlalo kungenzeka ingatholakali ngesikhathi salo mdlalo.
Ngesikhathi ikhipha uhla lwemidlalo yeBetway Premiership kwanakeka ukuthi lo mdlalo ongomunye webhekwe kakhulu kuleli wawungekho kulo nyaka.
Idabhi yokuqala izoba ngoFebhuwari 1 okuzobe kungowe-Orlando Pirates, owesibili ube ngoMeyi 5 kanti woba oweChiefs.
Isikhulu esibhekelele izinkundla ngaphansi komasipala waseThekwini, uVusi Mazibuko uthe le ndaba yalo mdlalo akumele ikhulunyelwe eziko.
Ekhuluma emsakazweni Ukhozi FM ngoLwesine ebusuku, uMazibuko ucashe ngesithupha uma ebuzwa ngalo mdlalo.
“Hhayi Victor (uMolife oshayela uhlelo), kukhona ezingakhulunyelwa eziko,” kusho uMazibuko qede wahleka.
Ube esebuzwa ukuthi uma kwenzeka bewunikwa lo mdlalo, ngabe bayobe bewulungele yini.
“We Victor, kuyobe kungaqali. Angithi kumanje owamanqamu uphethe irekhodi lokudayiswa kwamathikithi aphele kungakapheli ngisho ihora, kwakuyile okhuluma ngayo (kudlala iChiefs nePirates).
“Nayo leyo yayiseMabhida… Le esikhuluma ngayo manje iphethe irekhodi lesibili lokuwadayisa aphele ngamahora amathathu.”
