
UMakaringe uveza okwenza ‘waqoma’ iPirates imbanga neChiefs
Owayengumdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uFortune Makaringe, usedalule indlela aqoma ngayo leli qembu nakuba kuyiKaizer Chiefs eyamshela kuqala.
UMakaringe uthathe lesi sinqumo ngo-2019 ngemuva kokushiya kwiMaritzburg United, okulapho ayezakhele khona igama, waheha ameglo eziqhwaga zaseSoweto.
Ukushintshela kwakhe kwiPirates kubonakale kwaba yisinqumo esihle njengoba enqobe izicoco ezimbalwa ngesikhathi iChiefs beyifa yindlala.
UFortune Makaringe uhlale amasizini amahlanu kwi-Orlando Pirates, wanqoba izindebe ezine ezinkulu nayo.
Ujoyine amaBhakabhaka ngoJulayi ka-2019 futhi ngokushesha waba umqali odlala njalo nothandwa ngabalandeli.
Ecabanga ngomsebenzi wakhe, uFortune Makaringe uchaze iminyaka yakhe kwi-Orlando Pirates njengangasoze ayilibale empilweni yakhe.
Ekhuluma kwiMichael Morton Talks Football Podcast, uMakaringe uchaze kabanzi ukuthi umnyakazo wePirates wenzeka kanjani.
“Kwangena ucingo uma ngilubamba ngezwa izwi engilaziyo,” kushi yena. “Kwakungesinye sezikhulu zePirates ezihlonishwa kakhulu.
“Wathi kimi kusazomele akhulume nabazali bami kuqala ngaphambi kokuthatha isinqumo ngami.”
UFortune Makaringe uveze ukuthi ucingo lwesibili lwangena ngakusasa ekuseni seluza nezindaba ezihluke kakhulu.
“Wangitshela ukuthi sengingumdlali wePirates ngokusemthethweni,” kuchaza uMakaringe.
Uyise wamkhuthaza ukuba akhumbule iphupho lakhe lasebunganeni. “Lelo phupho bekuwukudlalela iPirates,” kuchaza uMakaringe.
UMakaringe ukuqinisekisile ukuthi iKaizer Chiefs iyiqembu lokuqala elakhuluma naye.
U-Ernst Middendorp, owayengumqeqeshi weChiefs ngaleso sikhathi, wayemfuna eNaturena.
Nokho uMakaringe ubesenenkontileka neMaritzburg United ngalesi sikhathi. Kwakudingeka kuvumelane amakilabhu ngokwawo kuqala.
FUNDA NALA | UKhune uveza okwenza uMakgopa amkhumbuze uNkatha
Leso sivumelwano – ngenhlanhla kaMakaringe – sagcina senziwe nePirates okuyiqembu naye ayevele efisa ukuya kulo.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
